IBABIZE ngamagama abantu eyayihlangene nabo inkabi eboshwe isekubhaceni eMsinga ngenyanga eyedlule ngecala lokubulawa komqaphi wesikhulu sikaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.
Izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini uMzokhona Ntombela ugwetshwe yiJaji uKate Pillay iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngalo leli cala.
Ijaji lithe likubone kungcono ukuba kuvunyelwane ngokudalulwa kwamagama ababandakanyekayo bese kwenziwa uphenyo mayelana nalabo okuthinteka amagama abo. Isolezwe linawo amagama abagagulwe inkabi kodwa angeke adalulwe ngoba kusaqhutshekwa nophenyo.
Kuzokhumbuleka ukuthi umufi wadutshulwa wabulawa ngesikhathi evala isango lasemzini wakhe osesigcemeni sakwaS eMlaza, eningizimu yeTheku, ngoMeyi nonyaka.
Kuthiwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko umufi wayephuma esitolo kade ethunywe ngumkakhe, uNkk Ngcebo Ntombela, ukuthi ayomthengela okuthize.
“Ngesikhathi ephuma esitolo esevala isango yilapho-ke adutshulwa khona,'' kuchaza ilungu lomndeni.
Kuthiwa umufi bamdubula ngezinhlamvu ezimbalwa ekhanda ngesikhathi kwenzeka isigameko, izingane zamemeza zicela usizo.
Umufi kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho afike washonela khona.
Inkabi ibabize ngamagama bonke ebihlangene nabo ngesikhathi kuhlelwa itulo lokusocongwa kukamufi. Abantu ebibabiza ngabasondelene kakhulu nomufi.
UMnuz Nkosinathi Ntombela, ongumfowabo kamufi, utshele iSolezwe ukuthi izinhliziyo zabo zigaya izibozi.
Uthe bebengakulindele ukuthi abantu abenza isihluku esingaka ngabantu abasondelene kangaka nomndeni.
“Kodwa-ke okusijabulisayo ukuthi sesiyazi manje ukuthi ngobani ababulala umfowethu. Ukukhuluma iqiniso nje, zibuhlungu izinhliziyo zethu ngendlela abulawa ngayo,’’ usho kanjena.
Uqhube wathi abakufunayo njengamalungu omndeni wubulungiswa.
“Sifuna ukubabona bebhadla ejele bonke laba okubizwe amagama abo namhlanje lapha enkantolo. Uma kwenzeke kanjalo, konke kuyobe kulungile,’’ usho kanjena.
Uveze ukuthi njengoba inkabi inesibongo esifana nesabo bakubone kuwumqondo ophusile ukuthi babe nokuxoxisana namalungu omndeni wayo.
“Sibe nezingxoxo ezijulile namalungu omndeni wenkabi. Kube khona izivumelwano esizenzile kodwa esingeke size sithande ukuthi sizidalule njengamanje,’’ echaza.
Ukucula kwenkabi izolo enkantolo akuthusanga njengoba iSolezwe ngenyanga eyedlule lakuveza ukuthi kukhona ubufakazi obushaqisayo obuzovela ngokubulawa kukaNtombela.
Umufi kuthiwa wadutshulwa ngesibhamu sakhe. Owesilisa owamdubula kuthiwa wayekade egqoke umfaniswano wamaphoyisa asebenza eMkhandlwini weTheku.
Ngaphambi kokuba abulawe, kuthiwa inkabi yathenjiswa imali engu-R150 000.
ISolezwe lisakuqinisekisa namanje ukuthi kunobufakazi obujulile elakhonjiswa bona nobuphathekayo kodwa elingeke lize libudalule okwamanje ngoba uphenyo lusaqhubeka.
Enkantolo kuvele nokuthi angeke liphele isonto bengazange baboshwe laba inkabi ebagagule ngamagama.
Umndeni uthe uyavumelana nokuthi uNtombela agwetshwe iminyaka engu-20 ngoba usebatshelile amagama abantu ababandakanyekayo.