SISHAYELWE izandla isikole saseMlaza, iMenzi High, ngokuthola imiphumela ka-matric ewu-100% iminyaka ewu-11 ilandelana.
Izolo lesi sikole besinomcimbi e-ICC, eThekwini, wokuklomelisa abafundi bakamatric ka-2022.
Isikhulu esiphezulu sakwaFoodBev SETA, uNkk Nokuthula Selamolela siyishayele ihlombe iMenzi. Uthe kuyingqophamlando yoqobo ukuthi isikole saselokishini singagila izimanga iminyaka ewu-11 ilandelana. Isikole sesihlomule ngo-100% kusukela ngonyaka ka-2012 kuze kube yimanje. UNkk Selamona ubachome uphaphe lwegwalagwala othisha besikole wathi baklame indima enkulu ekubekeni igama lesikole iMenzi, ebalazweni kanjalo nelokishi Umlaza.
Uqhube wathi singu-34% isibalo sabantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika. Wathi ukwenza kahle kwabafundi kubuyisa inhlansi yethemba ngekusasa elingcono labantu abasha.
Abafundi abangu-30 abenze kahle baphiwe ama-lap top. Obaqwaqwade bonke nguSiyabonga Mchunu.
Obemele uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Bukhosibakhe Mzolo, uncome iMenzi ngemisebenzi emihle. Uthe uthishanhloko wesikole, uNkk Muntu Ntombela, ubalwa nothishanhloko amagama abo angasoze alibaleka emlandweni wemfundo yezwe.
UNkk Ntombela uthe noma kungathiwa uyashona kepha iMenzi ngeke ifadalale.
"UMshololo wathi noma angahamba kepha isikole ngeke size siwe ngampela wayeqinisile. Nami namhlanje ngisho okufanayo, noma ngingahamba iMenzi ngeke ithi bhu phansi,'' usho kanje uthishanhloko.
UMntwana uQedi Zulu ukhuthaze abafundi ukuthi baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla.
Lesi sikole sithi sisebenzisa amazwi obuhlakani ashiwo nguthishanhloko waso ongasekho emhlabeni uMnuz Felix Mshololo athi : "The year Ends when it Begins.''