KUBE yithuba eliyingqayizivele kwabadayisa ukudla nokokuphuza, kuvotwa eCato Crest eMayville, njengoba abantu bebemi kolayini abade belinde ukuvota.
Nakuba kuthe kuphakama ilanga olayini sebekapakele ngaphandle ezikhungweni ezimbili okuvotelwa kuzo, esiseWiggins naseCato Crest, abantu babekezelele ilanga ebeliphumile, kodwa beyigcagcele esokeni kwabadayisa ukudla ngaphandle, kulezi zikhungo.
UNksz Nosihle Mlotshwa obehla enyuka kolayini edayisa amajusi esikhungweni esingasemtapeni wolwazi eCato Crest, , exoxa neSolezwe, uthe lolu wusuku olumatasa njengoba akudayisayo kuthengwa ubuthaphuthaphu.
"Engifisa nje ukukubona ngevoti ukuthi kuthathe uhulumeni ozosinakekela singabadayisi basemgwaqweni. Sakhelwe amatafula anezindawo zokukhosela uma lina noma kushisa ngoba nathi siyalekelela emnothweni wezwe," usho kanje.
Emigwaqweni egudla lezi zikhungo zokuvota, bekumiswe amatende amaqembu ezepolitiki ehlukene abesondelene kodwa kungekho ukungcofana ngaphandle nje kokuthi imisakazo beyiqhuma phezulu, umuntu edansela ingoma yeqembu alizwa ngaphakathi.
Ukuvota akuqalanga ngesikhathi esibekiwe ezikhungweni eziningi esifundazweni kubalwa nalesi esiseCato Crest.
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi- ANC uDkt Sibongiseni Dhlomo, ojutshwe yinhlangano ukubheka ukuqhubeka kokhetho ezikhungweni zokuvota eziku-ward 101, eThekwini, uthe ukuqala emva kwesikhathi akuphazamisanga kangako uhlelo lokuvota.
"Ukuvota kuqale emuva kancane kwesikhathi esibekiwe ngenxa yokuthi bekunenkinga kweminye imishini yakwa- IEC, kodwa kuqhubeke kahle. Siyakuqaphela ukuthi mabili amaqembu akhombisa ukuba nesasasa okuyi- ANC ne-MK eyingane yethu okukhombisayo ukuthi ngaphambi kokuxebuka kwe- MK, besizidlela amahlanga, namanje noma isikhona, sizonqoba kule ward," usho kanje.