KUPHELE amahlathi kuboshwa ingoduso yephoyisa ngemuva kweminyaka emibili labulawa.
Ukusebenza ngokuzikhandla kwethimba eliphenya amacala ahleliwe esifundazweni ngokubambisana nabeMhlali Task Team, uMhlali K9 Unit, KwaDukuza police neCrime Intelligence kuthele izithelo ezinhle kuqaqwa amafindo ngokufa kukaSergeant Sakhile Manyisa.
NgoMgqibelo mhla zka 24, amaphoyisa agasele endaweni edayisa ukudla okusheshayo eWaterloo efuna intokazi eneminyaka engu-34 eyingoduso kamufi. UManyisa watholakala eshonile efulethini ayehlala kulo nengoduso yakhe elisemgwaqweni uGopalall Hurbans oThongathi ekuseni ngomhla ka 24 Juni 2022.
Amaphoyisa asebenza ubusuku nemini efuna ulwazi kubantu abangaba ofakazi nomakhelwane ukuze kutholakale ukuthi bona bezwani ngosuku lwesehlo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ngokuphenyisisa ulwazi olutholakalayo lwakhomba ingoduso njengomuntu okumele afakelwe izipopolo ukuze kutholakale kahle ukuthi kwenzekani kufa uManyisa.
Le ntokazi isendleleni ebheke enkantolo yeMantshi eVerulam lapho izobingelela khona imantshi okokuqala.