INHLANGANO iHola Bona Rennaisance Foundation (HBRF), ithi kufanele ichithwe imiphumela yokhetho ngoba kuningi okungahambanga kahle.
Izwe belibambe ukhetho lukazwelonke ukuze kuqokwe uhulumeni ozobusa iminyaka emihlanu ezayo, namanje indaba yokhetho isewundabamlonyeni.
I-HBRF imangalele i-IEC eNkantolo yezoKhetho, ikhala ngokuthi ayikwazanga ukubhekana nezikhalo zamaqembu anganelisekile ngokhetho.
Amaphepha abonwe yiSolezwe ngeMpelasonto abeka amaphuzu enhlangano ethi yiwona amqoka okufanele abhekwe uma sekuqulwa icala. Iveza ukuthi amaqembu amaningi okubalwa iMK afaka izikhalo ngokhetho.
Iveza nokuthi i-IEC ayikwazanga ukuphendula ngendlela egculisayo. Babuye bakhale ngokuthi abayithembi ukuthi iqotho kangakanani iimiphumela eyayivezwa ebhodini le-IEC.
Inhlangano yokhetho i-IEC imemezele imiphumela yokhetho ngeSonto yathi belungolukhululekile nolungenazihibe. IMK namanye amaqembu bakhala ngokuthi abanelisekile ngokuningi abakholwa wukuthi akuhambanga kahle.
Amaqembu ayephakamisa nokuthi kubalwe kabusha abanye bethi akuqalwe phansi kuvotwe. Nakuba kunjalo kodwa ziyaqhubeka izinhlelo zokuhlalisa iPhalamende lapho okuzokhethwa khona umengameli wezwe.
Seluhanjisiwe uhlu lwamalungu ePhalamende olwemukelwe yiNhloko yamaJaji kuleli iJaji uRaymond Zondom okusho ukuthi izinhlelo ziyaqhubeka.