KUDLA lubi ukusetshenziswa kukagwayi obhenywa ngamapayipi emanyuvesi akuleli.
Lokhu kuvezwe ucwaningo lwakamuva olwenziwe isikhungo esicwaninga ngezempilo kuleli, iSouth African Medical Research Council (SAMRC), ngaphansi kophiko lwayo olucwaninga ngezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo, ukusetshenziswa kotshwala, izidakamizwa kanye nogwayi.
Lolu cwaningo lwethulwe eDurban University of Technology (DUT) muva nje.
Ucwaningo luveza ukuthi isitshudeni esisodwa kwezine ezisemanyuvesi ezineminyaka ephakathi kuka-18 kuya kwengu-24 (cishe u-26%) zisebenzisa ugwayi obhenywa ngamapayipi owaziwa nge-e cigaratte, u-40% wazo uke wawusebenzisa kodwa usuwuyekile. Ezitshudenini ezintathu ezineminyaka ephakathi kuka-18 kuya ku 24 esisodwa (32%) sibhema i-hookah, u-47% uke wayibhema kodwa usuyekile.
UDkt Catherine Egbe ongomunye wosoSayensi ebebenza lolu cwaningo, uthe ucwaningo luveza ukuthi izitshudeni ezikule minyaka ethintekayo zithatheka kalula uma zibona izikhangiso ezisetshenziswa ngabakhiqizi bale mikhiqizo ezenza ukuthi zikholwe ukuthi ukuzisebenzisa kukwenza ube sezintweni.
"Sithole ukuthi izitshudeni ezike zabona izikhangiso zokumakethwa kwale mikhiqizo kunamathuba aphindaphindeke kathathu okuthi zisebenzise lolu hlolo lukagwayi kunezingazange zizibone izikhangiso. I-hookah, ebuye yaziwe nge-hubbly bubbly, ishisha noma i-waterpipe, iyona edla ubhedu entsheni. Iningi layo licabanga ukuthi inobungozi obuncane kunogwayi ojwayelekile ngoba intuthu kagwayi idlula emanzini ngaphambi kokuthi ingene emlonyeni womuntu. Abazi ukuthi kumele ilawulwe njengoba kwenzeka kugwayi ojwayelekile," kusho yena.