IFUNA kube nozinzo komasipala nakuhulumeni iDA ngokuthi kungabi neziphakamiso zokungabuthembi ubuholi bezimeya, amaphini ezimeya osomlomo kanjalo nezinye izikhulu.
Leli qembu lithe lokhu kwenza lungabikhona uzinzo yingakho selulubeke ezithebeni zomphakathi ukuthi uphawule ngalo mthethosivivinywa.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe ngalo mthethosivivinywa bafuna kube nesikhathi esizobekwa ngaphambi kokuba amaqembu afake isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi obusuke buphethe.
Uthe lokhu kuphazamisa ukusebenza komasipala ngoba kushintsha njalo ubuholi.
Usho lokhu nje kwabanye omasipala, okubalwa iTshwane, sebushintshe kaningi ubuholi obuphethe umkhandlu, okukholakala ukuthi kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
Lo mkhuba ubonakala wanda nakomasipala basemakhaya okubambisene kubo amaqembu ahlukene ezepolitiki.
“Njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo, kungenzeka uhulumeni uphathwe ngokuhlanganyela ngamaqembu ahlukene. Uma kunjalo, kungenzeka kube nokuphazamiseka uma kukhona ukungaboni ngaso linye kwalawa maqembu bese izidingo zingafinyeleli emphakathini.”
USotswebhu weDA, uNksz Siviwe Gwarube, uthe akuwakhi umqondo ukuthi iqembu elinezihlalo ezincane komasipala kube yilo eliphethe isikhundla sokuba yimeya noma ezinye izikhundla eziphezulu.
Uthe abafuni kungabi nozinzo komasipala okuyinto esigqamile komasipala abaningi kuleli.
“Sifuna kuhanjiswe izidingo emphakathini, kungabi nokuphazamiseka ngoba kukhona ukungazwani kwamaqembu. Sifuna kubekwe izinyanga ezingu-12 ngaphambi kokuba amaqembu akwazi ukufaka isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi komasipala noma kuhulumeni.”
Uthe lokhu ngeke kusize iDA kuphela kodwa namanye amaqembu aphethe omasipala
“Kungenzeka kunoma yiliphi iqembu ukuthi kufakwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi, hhayi komasipala abaphethwe yiDA kuphela. Yingakho sithi wonke umuntu kumele abe yingxenye, abeke umbono wakhe futhi aweseke lo mthethosivivinywa.”
Uthe kodwa isiphakamiso esiphuthumayo sokungabuthembi ubuholi singafakwa uma kuwukuthi lowo mholi uphule umthetho wezwe.
“Uma kuwukuthi kuphulwe imithetho yezwe, siyavuma ukuthi singafakwa isiphakamiso esiphuthumayo. Ukusebenzisana kwamaqembu yinto ezoqhubeka ibekhona kuleli.”
Uthe uzohlangana nabaholi bamanye amaqembu ukuze abanxenxe ukuthi baseke lo mthethosivivinywa.
Abafuna ukuphawula, bangafaka iziphakamiso zabo kusomlomo wePhalamende.