UMNCINTISWANO ophezulu ngemali yokudayisa umkhiqizo wobisi oluyimpuphu ofakwa ekhofini phakathi kwe-Cremora ne-Ellis Brown, uholele ekutheni iNestle idayisele enye inkampani yokukhiqiza iCremora kuleli.
I-Nestle SA ithe isinqamula ubudlelwano nalo mkhiqizo odumile nosetshenziswa ekhofini.
Ithe iCremora iyidayisele iGroupe Lactalis yaseFrance ngenani elingadalulwanga ngemuva kokubuyekezwa kohlu lwemikhiqizo, ehlanganisa iNescafé, iRicoffy, iMaggi, iNespray kanye neKit Kat.
INestle ithe iCremora ibisidayiswe eNingizimu Afrika iminyaka ecishe ibe ngu-80, ukuyidedela kuzoyivumela ukuba igxile ekutshaleni imali kweminye imikhiqizo engaletha imali kangcono.
Isikhulu esiphezulu sakwaNestlé, uMnuz uMark Schneider, muva nje sithe i-Ellis Brown eyimbangi enkulu yeCremora ibilokhu idayisa ngemali engaphansi kweCremora, okuholele ekutheni inzuzo ejwayele ukuyenza ngekota ibe ngaphansi kakhulu okudale ukukhathazeka.