SELIDLULISE amazwi enduduzo emindenini KaNksz Tozama Mantashe iqembu le-African National Congress esifundazweni sase-Eastern Cape kulandela ukudlula kwakhe ngenxa yezimo eziphathelene neCovid 19.
UNksz Mantashe ubeyilungu lasePhalamende nophinde abe ngudadewabo kaSihlalo we-African National Congress kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe.
Kubikwa ukuthi ushone izolo ebusuku emuva kokugula ngenxa yeCovid 19. Isitatimende esikhishwe yi-African National Congress yase-Eastern Cape siveza ukuthi ushonele esibhedlela exinwe ukugula. UNksz Mantashe uchazwe njengomuntu obezinikele kuleli qembu futhi eseneminyaka engaphansi kwalo.
Uke wasebenza njengoMngcinimafa wegatsha ngo-2003 kuya ku-2005 emuva kwalokho waba nguNobhala wegatsha ngo-2005 kuya ku-2008 kwase kuthi ngo-2008 waqokelwa kwikomidi lesifunda iChris Hani.
Waqhubeka nokusebenzela leli qembu enza imsebenzi eminingi eyahlukene iminyaka ilandelana kwaze kube uqokelwa esikhundleni sasephalamende.