UKHUTHAZA izinsizwa ezisencane ezisindisiwe ukuba zingabi madolonzima uma kukhulunywa ngokushada uMfundisi obebopha elikasofasilahlane.
UMfu Smanga Mavuma ongumholi webandla labasindiswe elisoThongathi, iRestoration Family Church ubeshadelwa nguNksz Mandisa Mavuma.
Umcimbi obuhanjelwe ngamalungu aleli bandla ubuseMtubatuba. Kube nomshado omhlophe kwase kuba nowesintu wasesigcawini.
UMavuma unikezwe ithuba lokuba enze zethembiso kumkakhe.
"Ngiyathembisa ukuthi ngiyohlale ngikuthanda impilo yethu yonke. Ngizokunakekela ngiphinde ngenze nesiqiniseko esikhulu sokuthi okudingayo uyakuthola,'' usho kanje ngesikhathi emfaka indandatho emunweni.
Uthe kuyinto emqoka kakhulu ukuthi izinsizwa ezisencane ikakhulukazi ezisindisiwe zisike iphethini zihambe ezinyathelweni zalaba abashadayo.
"Ngithanda ukuzikhuthaza zonke izinsizwa ezisencane ezikhona ebandleni likaNkulunkulu ngokuthi zishade zingesabi nje nhlobo. Kumele zazi ukuthi umshado uyisibusiso esivela kuNkulunkulu uqobo,'' usho kanjena.
Uthe ibandla likaNkulunkulu liyadinga ukuthi lishumayele ngokubaluleka kokuba abantu bashade.
Uthe yingakho ibandla baliqamba ngokuthi yiRestoration Family Church ngoba bakholwa ukuthi ukwanda kwemishado yikhona kanye okungabumba imindeni.
Ugcizelele kakhulu ukuthi bayibandla elikholelwayo kakhulu ekubunjweni kwemindeni futhi enokuthula nozinzo.
UMavuma waziwa kakhulu ngezintshumayelo zakhe ezinohlonze nezithakaselwa kakhulu ngabantu abehlukene.
Ibandla aliholayo lijwayele ukuba nezinhlelo ezahlukene lapho elisuke lihlose ukulekelela umphakathi ohlwempu ngezindlela ezahlukene. Liphinde linikezele ngosizo kogogo nomkhulu ngamagilosa.