UMNYANGO wezeMpilo eNingizimu Afrika uthi abantu kumele baqhubeke nokuzinakekela ukuze bagweme ukuhlaselwa iCovid-19 yize isikhishiwe ngaphansi kwezifo okumele zibhekelwelwe ngokuphuthuma emhlabeni (Global Emergency)
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) ngoLwesihlanu, imemezele ukuthi iCovid -19 isiphumile ngaphansi kwezifo ezibhekelelwa ngokuphuthuma emhlabeni.
UMnuz Foster Mohale okhulumela uMnyango wezeMpilo, uthe lokhu akusho ukuthi lesi sifo sesiphelile, yize izibalo sabahaqwa ileli gciwane sesiphansi kuleli kodwa lona lisekhona.
"Leli gciwane lisabagulisa abantu, balale phansi, abanye baze bagcine beshonile. Kubalulekile ukuthi noma kuthiwa lesi sifo asisabhekwa njengesifo okumele sinikezwe izinsiza ngokukuphuthuma kodwa abantu baqaphele ukuthi bayazivikela kuso," kusho Mohale.
Umqondisi weWHO emhlabeni, uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus, naye ugcizelele ukuthi leli gciwane lisekhona futhi azikho izinkomba zokuthi liyobuye lishabalale.
Uqhube wathi ukuhlasela kwalolu bhubhane kudale ukuntengantenga kwezomnotho emhlabeni jikelele nokungalingani.
"Isinqumo se-WHO sokwehlisa iCovid-19 ezifeni ezingaphansi kwizimo eziphuthumayo senziwe ngemuva kokubona ukwehla kwesibalo sabahaqwa ilesi sifo," kusho uDkt Ghebreyesus.
Uthe abacwaningi abathathe lesi sinqumo babheke ukwanda kokuvikeleka kwabantu ngenxa yokugoma, ukutheleleka, ukwehla kwamazinga okufa nokuncipha kwegcindezi ebidalwa ilesi sifo ezikhungweni zezempilo. Wathi kodwa lokhu akusho ukuthi akasekho obhekelele leli gciwane, lisazoqhubeka libe khona ikomiti lalo.
UNggongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yezempilo kamengameli, iPresidential Health Summit, uthe kunemijovo yokwengeza amandla emigomo engaphezulu kuka-25 million esitokweni sakuleli. Ngakho unxusa umphakathi ukuthi uye ezikhungweni zezempilo uyogoma.