UPHIKO lwabesifazane be-ANC kuzwelonke kuthe namhlanje lwahlangana lwathatha isinqumo sokuchitha imiphumela yengqungquthela ye-ANCWL eKZN, eqale ngomhlaka 4-7 Agasti e-ICC.
Isolezwe Online like lakuveza ukuthi kungase kube noguquko kwimiphumela yokhetho. Lokhu kwakubangelwa ukuthi kwakunamalungu esifunda iTolomane Myayiza neMzala Nxumalo angu-27 ayengavotanga, sekuthathwe isinqumo sokuthi asengavota, nokuyinto eyagcina ingenzekanga. Imiphumela yaphoselwa inselelo. Kule ngqunguthela kwakhethwa uNkk Nonhlanhla Khoza ehlula uNkk Bongi Sithole Moloi ngamavoti amathathu.
Amavoti alamalungu angu-27 ayengenza umehluko omkhulu kwimiphumela.
Kule ngqungquthela kwaba nezingqinamba eziningi, ekugcineni kwabe sekuthiwa isinqumo kuzomele sithathwe yi-ANCWL kuzwelonke. Igcine isithathile, yayichitha ingqungquthela kanjalo nemiphumela yayo.
Encwadini ebhalwe uNobhala we-ANCWL kuzwelonke uNkk Nokuthula Nqaba, eyibhekise kuMnuz Bheki Mtolo onguNobhala we-ANC eKZN, nakubanye onobhala kulesi sifundazwe kanjalo nabezifunda nasohlakeni olubambe okwesikhashana, ithi ingqungquthela ye-ANCWL KZN yesithupha ichithwe njengento engakaze ibe khona.
“I-ANCWL eKZN ngeke ikwazi ukubiza imihlangano yepolitiki noma yenhlangano. Isigungu esiphezulu se-ANCWL sizoza eKZN ukuzohlangana nobuholi be-ANC kanjalo nezinhlaka ze-ANCWL emasontweni azaya, kanti imininingwane ngalokho izothunyelwa kungekudala,”kuchaza uNobhala we-ANCWL.