“SENZANI lapha?” Kubuza iJaji uTshifhiwa Maumela, lizwakalisa ukunengwa yindlela okuhamba ngayo ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti weBafana Bafana.
Lapha kusadingidwa udaba lwedokodo lesibili eliphendule izinto ecaleni.
Ijaji linxuse ukuthi mabayokhuluma ngasese ukuze bezothola indlela eya phambili ngoba izinto zimapeketwane.
“Ngimlalele kahle umshushisi uGeorge Baloyi, eveza ukuthi ngempela leli dokodo alivezwanga ngokufana kubameli babasolwa. Mhlawumbe kungaba ngcona sithi khumu kancane siyolumana indlebe ngasese, ukuze sihlahle indlela eya phambil,” kusho ijaji.
Lithe ayibonakali inqubekela phambili ecaleni ngoba kunezinto eziningi ezivelayo eziphazamisa indlela okusetshenzwa ngayo, futhi akukuhle neze okwenzekayo.
Bebuya ukuyolumana indlebe ijaji litshele inkantolo ngezingqinamba ezivezwe ngu-Advocate Zandile Mshololo ngedokodo lesibili, okuvelayo ukuthi abantu abenza izitatimende kulelo dokodo baphinde benza ezingafani kwelokuqala, okuyinto edidayo futhi engaqondakali.
“Sithathe isinqumo sokuthi u-Advocate Mshololo ngeke asaqhubeka nokufaka isikhalazo sakhe ngodaba lokufihlwa kwedokodo lesibili ngoba lokhu kuzobe kufana nokubulala inyoka efile. Bese ngishilo phambilini ukuthi ukuvela kwaleli dokodo akubanga kuhle kuwo wonke umuntu, ikakhulukazi ku-Advocate Mshololo.”