OMUNYE wabameli wabahlanu abasolwa kwelokubulawa kowayengunozinti wakuleli uMnuz Senzo Meyiwa, ucele ufakazi ukuthi acacise kabanzi ngezimpawu ezenza akhombe umsolwa wesibili nengomunye wabahlasela kubo kaKelly Khumalo eVosloorus ngo-2014 kwaze kwadutshulwa kwabulawa umufi. UMnuz Tumelo Madlala ongufakazi wombuso nowayewumngani kaMeyiwa uchaze umsolwa wesibili wagxila kwintshebe yakhe athi usayikhumbula kahle. Ummeli u-Advocate Sipho Ramosepele utshele uMadlala ukuthi umsolwa uyaphika futhi uthi akakaze amilwe yintshebe ezansi kodebe ngase silevini njengokusho kwakhe. Yilapho uMadlala evele wansinsitheka sakuzibamba enkantolo kodwa utolika wakubekela inkantolo lokhu. UMadlala ubesephawula ngalokhu.
" Angimazi uqondeni ngalokho, kusho ukuthi mina ngiyagula ekhanda lami. Kulokhu akushoyo angimazi ukuthathelaphi. Vele icala umphikwa ngoba wena umele yena, kufanele aphike lokho," kusho uMadlala ephendula enkantolo.
Yilapho umsolwa ebesedlana khona indlebe nommeli wakhe wabuya kuye u-Advocate Ramosepele esetshela inkantolo ukuthi umsolwa umile kwelokuthi akakaze abenayo intshebe futhi angasondela uMadlala ezozibonela eduze.
UMadlala utshele umsolwa ukuthi akasoze asondela eduze kwakhe ngoba uyisitha sakhe. Eqhuba uMadlala ubabophe ngabhande linye bobahlanu abasolwa ebatshela ukuthi akabasabi.
" Angisoze ngasondela eduze kwakhe ngisho esethanda, angisoze njengoba ehleli lapha useyisitha nami. Kunento okufanele bayazi labafowethu, mina anginandaba nabo angibasabi futhi basabisa belokhu bengibuka lapha engathi kukhona into abazoyenza," kusho uMadlala.
U-Advocate Ramosepele ubesemehlisa umoya emchazela ukuthi bekuwudlulisa lokhu kodwa abaqhubeke necala. Libe seliqhubeka nokuqulwa elokhu ehlonywa imbuzo lofakazi, emile kwakushoyo eveza ukuthi abakuphikayo abasolwa akube nobufakazi kwakho enkantolo.