NKOSIKHONA CELE
ITHE icabangela kakhulu izingane iMantshi uSmanga Mlotshwa, ngesikhathi yenqaba ukumnikeza ibheyili uZimisele Dlulisa (39) ongumpheki, obhekene necala lokuphihliza intombi yakhe ngestini ayibulale, uNksz Mbali Mokokone (29).
Kuvela ukuthi uDlulisa waphahlaza intombi yakhe ngestini yafa, wayigwaza ngoba isidumbu sikamufi sasinenxeba emqaleni.
Isigameko senzeka emqashweni wabo oseLusuka, eMawoti, eNanda, emasontweni ambalwa edlule. Senzeka ngosuku lokuzalwa kukamufi.
Ngesikhathi enza incwadi efungelwe yokucela ibheyili uDlulisa ngomlomo wommeli wakhe, wakubeka eqhulwini ukuthi ufuna ukuphuma ngaphandle ukuze ondle izingane zakhe ekhala ngokuthi zizosala dengwane.
Wazibophezela ngokuthi uzoyigcina imibandela yebheyili uma kwenzeka eyithola.
IMantshi ithe ikubona kungesiwona umqondo ophusile ukuthi uDlulisa anikezwe ibheyili. Ithe ayikholwa ukuthi uDlulisa angasebenzisa isizathu sokuthi ufuna ukuyokondla izingane zakhe uma ethola ibheyili.
"Inkantolo ibona sengathi kumele ibeke phambili izingane kuyona yonke lento eyenzekayo. Okokuqala okumele kubhekisiswe ukuthi izingane zazikhona ngosuku lwesigameko. Ngakho kumele inkantolo izivikele,'' kusho iMantshi.
Owomndeni kamufi uNksz Bongiwe Mokokone, uthe ncinci kamjoli njengoba uDlulisa encishwe ibheyili nje. Uthe bebesibheke ngabomvu isinqumo senkantolo ngalolu daba.
''Sijabule kabi njengoba engazange ayithole nje ibheyili uDlulisa. Siyabonga ukuthi inkantolo ibe neqiniso yathatha isinqumo esifanele,'' usho kanjena.
Umndeni kamufi uhluleke nawukuzibamba kuphuma isinqumo wajabula khona ngaphakathi enkantolo.
Ngakolunye uhlangothi abebezokweseka uDlulisa bebephume ngobuningi babo, indumalo ibibonakala ebusweni kubona.
IMantshi ithe icala lizoqala ukuqulwa ekuqaleni kukaSepthemba nonyaka.