KUSOLWA ingxabano yomakhelwane okumanje isenkantolo kubulawa induna yesigodi saKwaGcobhoza, eMnambithi, nendodakazi yayo ngoLwesine.
Kulesi sigameko uNkk Duduzile Mchunu nendodakazi yakhe, igama layo elingatholakalanga, kuthiwa badutshulwe lapho ebese kunesikhashana bebhace khona.
Bahlaselwa nje, kuthiwa bebebuya enkantolo lapho okuqhubeka khona icala elibhekene nenye indodakazi kaNkk Mchunu.
Umthombo olazi ukusuka nokuhlala lolu daba upotshozele Isolezwe ukuthi lesi sigameko asihlangene nesihlava sokubulawa kwezinduna namakhosi esesiphenduke insakavukela kulesi sifundazwe.
Uthe basola ukuthi lokhu kuyamene nodweshu oluqale kulo nyaka, kuxabana indodakazi kaNkk Mchunu (ehamba icala) nowesilisa ongumakhelwane.
“Ngaleso sikhathi, indodakazi kaNkk Mchunu ehamba icala yasabisa lona wesilisa imtshela ukuthi alibambe lingashoni. Le ngxabano yagcina ingenwa nanguye uNkk Mchunu naye kukhona izinsongo azibhekise kulo wesilisa elekelela indodakazi yakhe,” usho kanje.
Kuthiwa kwadlula izinyanga ezimbalwa le ndodakazi, kwathi uma ihlangana nalona wesilisa ehamba namanye amalungu omndeni wakhe emgwaqweni, yakhombisa abesilisa eyayihamba nabo ukuthi nangu lo.
Umthombo uqhuba uthi lona wesilisa wadla phansi ekhumbula ukuthi ubevele esongelwa, kwagcina kudubuleka isihlobo sakhe ayekade ehamba naso.
Ngemuva kwalokho, umthombo uthi kwabe sekuvulwa icala, indodakazi kaNkk Mchunu yakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Umthombo uveze nokuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kugasele abantu emzini kaNkk Mchunu badubula kodwa kwangashona muntu.
“Yilapho ke uNkk Mchunu agcine eseyalelwa ukuthi aye ekubhaceni. Yize ebesekubhaceni kodwa njalo uma indodakazi yakhe ivela enkantolo ubeya naye ukuyoyeseka,” usho kanje umthombo.
Uthi bakholwa ukuthi abahlaseli babalandele besuka enkantolo njengoba begcine bebabulala kule ndawo ebese bebhace kuyona.
Kuvela ukuthi bese bebhace esizweni sakwaMbhense esingumakhelwane wesakwaMchunu.
Inkosi yesizwe sakwaMchunu, uMnuz Siyabonga Mchunu, ithe kakunambithisiseki lokhu kubulawa kukaNkk Mchunu nendodakazi yakhe.
Uthe uyazi ngodaba olusenkantolo anganasiqiniseko sokuthi ngabe ukubulawa kukaNkk Mchunu kuyamene yini nalo, wathi akafuni ukuphawula lakakhulu ngalo ngoba lusenkantolo.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Siboniso Mngadi, uthe uNgqongoqshe woMnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uyasigxeka isigameko sokubulawa kukaNkk Mchunu.
Uthe kuyabakhathaza ukuthi isigameko senzeke ngesikhathi iNingizimu Afrika iqhuba imikhankaso yezinsuku ezingu-16 ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili.
Uthe bayazibophezela ngokuthi baqinise ezokuphepha lapho okuhlala khona abaholi boMdabu.
Imizamo yokuthola umndeni wabashonile ayiphumelelanga, olunye ucingo belukhala lungabanjwa, olunye kuvaliwe.
Police comment...