KUVELA ukuthi ibilekelela unina eshaywa intombazane yaseNewcastle eneminyaka engu-16, eboshelwe ukubhokoda ngommese isoka likanina lafa. Isigameko esishiye abaningi bethuthumela, kuthiwa senzeke oSizweni, eNewcastle.
Ummangalelwa ongeke adalulwe ngenxa yeminyaka yakhe, uvele eNkantolo yeMantshi eMadadeni kuleli sonto ebhekene necala lokubulala. Kuvela ukuthi ubesekhathele wukubona unina ehlukunyezwa, waze wazidela amathambo.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi ummangalelwa ucikwe wukuthi isoka likanina elineminyaka engu-38, belimhlukumeza phambi kwakhe. Ummangalelwa kuthiwa uzamile ukungenela ebaxazulula kodwa wabhoka kakhulu umufi, okuholele ekutheni agcine egwaziwe. Kuvela ukuthi umbhokode amanxeba ayisithupha esifubeni waphelela khona lapho.
Kuthiwa kuse ngokunye selifile isoka njengoba bese kucaca ukuthi icala selingene. Isigameko sishiye abantu bendawo bekhexile futhi yindaba okuphuzwa ngayo itiye, iyabatshazwa endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asoSizweni asebenza udaba lwecala lokubulala.
“Amaphoyisa esiteshini oSizweni aphenya icala lokubulala. Kuthiwa owesilisa oneminyaka engu-38 ugwazwe wabulawa wumsolwa owaziwayo ngesikhathi kunegxabano. Owesifazane oneminyaka engu-16 uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi eMadadeni,’’ kusho uLt Col Gwala.
Nakuba amaphoyia engakuqinisekisanga lokhu kodwa leli phephandaba lithole ukuthi umsolwa udedelwe ngaphansi kwesandla somzali ngenxa yeminyaka yakhe yobudala.
Kwenzeka lesi sigameko nje, izwe liphakathi nomkhankaso wokulwa nokuhlukumeza ngokobuli okubhokile ezweni. Kusanda kwethulwa umkhankaso wezinsuku ezingu-16 oqale ngoNovemba, ozophela ngasekupheleni kukaDisemba nonyaka.