IWUNDABA mlonyeni indaba yevidiyo yowesilisa nomlobokazi wakhe abebebanga ummese ophathwa ngumlobokazi ngelanga lomgcagco wabo abebezama ukuphucana wona.
Kule vidiyo kuvela umkhwenyana ephuca kabi umakoti lo mmese obizwa ngesinqindi, esigcawini kuze kuchwaze izethameli kucaca ukuthi akafuni ngempela ukumnika.
Kukhona ababuza ukuthi ngabe isho ukuthini into ebiyenziwa yilaba bashadikazi ngoba bekubonakala bewubanga phakathi esigcawini.
Kukhona abaveza ukuthi bekumele amphuce umlobokazi ummese ukuze akwazi ukuthatha unkosikazi wesibili ngoba uma engawuthathanga kusho ukuthi ngeke esakwazi ukushadelwa ngomunye unkosikazi.
Laba abavela kwividiyo bahlobe ngendlela yamaNazaretha ngosuku lomgcagco wawo.
AmaNazaretha ayaziqhelelanisa nalesi senzo athi akuyona indlela okwenziwa ngayo kuleli bandla lwakwaShembe.
Baze bathumela nezinye izintshumayelo zabefundisi bebandla begxeka indaba yokuphucwa kwabalobokazi isinqindi uma unqume ukusinelwa ngokohlelo lwebandla.
Okhulumela amaNazaretha ngaphansi koNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe akulona uhlelo lwamaNazaretha ukuphuca umlobokazi isinqindi.
“Ividiyo yowesilisa ephuca umlobokazi isinqindi siyibonile kodwa akuyona into esingayihlanganisa nenkolo yobuNazaretha. Sekuyinto ejwayelekile ukuthi kubonakale abantu benza lo mkhuba bese bewuyamanisa namaNazaretha. Bayasho nokuthi uma bephuca umlobokazi isinqindi basuke befuna ukuthatha unkosikazi wesibili. Ngokwenkolo yobuNazaretha, akuvumelekile ukuthatha isithembu. KumaNazaretha umfundisi uyanibuza ngosuku lomshado ukuthi nishada ngokukaNkulunkulu yini noma ngokwesintu. Uma uthi ushada ngokukaNkulunkulu usuke usho ukuthi ngeke umthathe unkosikazi wesibili kodwa uma ukhetha owesintu usuke uveza ukuthi kusengenzeka uthathe unkosikazi wesibili. Isinqindi umlobokazi uyasiphatha ngosuku lomgcagco kumaNazaretha kodwa akaphucwa sona. Usisebenzisa ukukhomba inxeba lapho kuzobhotshozwa khona inkomo bese kufakwa ubuhlalu kuleyo ndawo ayikhombile. Ukuphatha isinqindi kusuke kuwuphawu lokuthi umlobokazi usesesigabeni sokuthi usengakwazi ukusikela abanye omama inyama uma kuhlatshiwe ekhaya esegcagcile,” kuchaza uMncwabe.
Isazi samasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, uthe empeleni isinqindi yinto yesintu kodwa akuwona wonke umuntu okholelwa kuyona.
“Kuya ngendawo okhulele kuyona ukuthi sithathwa njengento ebalulekile yini isinqindi noma cha. Kwezinye izindawo yinto enganakwa. Ngaleyo ndlela ngeke sathi siyisiko kodwa singumkhuba nje, owenziwa abantu. Uma bemphuca sona esigcawini kusuke kuwuphawu nje lokuthi usafuna ukuthatha kodwa okungasho ukuthi akasenaso isinqindi lowo osuke egcagca naye. Emva komgcagco uyambuyisela sona kodwa aqhubeke nokuthatha unkosikazi wesibili uma esazimisele,” kucacisa uSolwazi Ngubane.