UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ukushayele ihlombe ukuboshwa kowasendlunkulu osolwa ecaleni lokwebiwa kwempahla yezigidi zamaRandi emayini eseRichards Bay.
UButhelezi uthe ukuboshwa kukaMntwana uLungalomndeni Zulu, noMnuz Richard Malinga, kukhombisa ukuthi ingalo yomthetho ayisinisi mahleza.
UMntwana uLungalomndeni ungowasendlini yakwaZiphethe, ungomunye wabeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Ngakolunye uhlangothi uButhelezi ubuye abe ngundunankulu kaZulu, usohlangothini lwabeseka iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UMntwana uLungalomndeni, noMalinga basolwa ecaleni lokwebiwa kwempahla embiwa phansi ebalelwa kuR26 million.
Emayinini iRichards Bay Minerals, kuthiwa lokuntshontshwa kwempahla bese kwenzeke iminyaka eminingi ilandelana.
Ngokuthola kweSolezwe, uMntwana uLungalomndeni, noMalinga baboshwa ngeledlule, yithimba lamaphoyisa elilwa nokwebiwa kwempahla ezimayini, i-Operation Vala Umgodi.
Bobabili bangaphandle ngebheyili kaR50 000.
Icala lizophindela eNkantolo yeMantshi eMpangeni, ngoNovemba 4.
UButhelezi uthe ukuntshontshwa kwempahla eRichards Bay Mineral kuhluphekisa abantu abathembele kule mayini.
“Siyakuncoma ukuboshwa kwabasolwa ngoba kuthumela umyalezo oqinile wokuthi amaphoyisa KwaZulu-Natal, alwisana nazo zonke izinhlobo zobugebengu. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa aseshintshe ukwenza, alwa nabugebengu bukaMntwana uLungalomndeni. Lobugebengu bulimaza kakhulu umnotho waKwaZulu-Natal. Ngincoma imizamo yamaphoyisa kanye neyenhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority, yokulwa nobugebengu.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Neitshunda, uthe amaphoyisa abophe abasolwa abayisithupha abaneminyaka ephakathi kuka-31 no-45.
Uthe kusolwa ukuthi abasolwa bantshontsha okumbiwa phansi ngoMashi, kulo nyaka. Abanye abasolwa bavela enkantolo ngoJuni.