BATHUKILE izihlobo zingqongqa nendlu okusolwa ukuthi ithungelwe KwaNyuswa Location eZinqoleni, ePort Shepstone ngoMsombuluko, umndeni usazilele inhloko yekhaya esanda kubulawa ngokudutshulwa.
Kulesi sigameko kushone umfelokazi uNkk Hloniphile Nzama (56), indodakazi yakhe uNksz Mbalenhle Nzama (30) nonina wengane yendodana yakulo muzi, uNksz Zanele Mngongoma.
Kuvela ukuthi kwabasindile kukhona izingane ezimbili ezineminyaka eyishumi, neyodwa eneminyaka emibili, okumanje zisalaliswe esibhedlela.
Kuthiwa zikhona ezinye izingane ezimbili eziphume zingenamyocu.
Elandisa ngesehlo oyisihlobo, uNksz Fisani Nzama onomuzi eduze kwendawo yesigameko, uthe uvuswe omunye udadewabo, naye ohlala khona endaweni.
“Uthe asiphuthume khona ngoba uvuswe umsindo wabantu abakhalayo becela usizo, kuthe uma ethi uyaphuma emnyango, wathuka woma ebona ukuthi kusha esihlotsheni,” kusho uNksz Nzama, othe naye akakukholwanga akubone ngesikhathi elunguza ngewindi.
Uthe kuthe uma befika khona bathola amadodana akulo muzi amathathu, alala endlini engaphandle, etakula izingane ezintathu ezigcine ziphuthunyiswa esibhedlela.
“Bebezikhipha ngesikhala esincane. Laba abathathu abadala abakwazanga ukuphuma, baphelele ngaphakathi endlini ebisha ubuhanguhangu.
Uthe kwenzeka lo mshophi nje, bebesazikhotha amanxeba ngenhloko yekhaya, uMnuz Thulani ‘Sobhuza’ Nzama (61) odutshulwe wabulawa abantu abangaziwa ngoSepthemba 3.
“Bagasela ekhaya, bazenza abantu abaxoxa naye, bathi besuka bamdubula, wafela khona lapho,” kusho uNksz Nzama, othe kwababulewe manje, kwakukhona uNksz Mngongoma kuphela.
Uthe uNksz Mngongoma akababonanga abasolwa, ngakho akakholwa ukuthi kungenzeka ukuthi isigameko samanje siwukucisha ubufakazi noma sihlobene nesangoSepthemba.
Uthe bayasola ukuthi umlilo wokhelwe umuntu, uma bebuka indlela obuvutha ubuhanguhangu ngayo, wathi ubumandla ophahleni lwendlu, kungathi kukhona okuwuketshezi oluvuthayo okutheliwe.
“Sididekile ukuthi kwenzekani futhi sithukile. Azikho izitha esizaziyo zabadala kwabashonile,” kusho uNksz Nzama.
Ukhale ngokuthi onjani umuntu oshisa izingane ezincane nendlu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseZinqoleni avule amacala okubulala nelokuthungela ngomlilo kulandela isigameko lsokungqongqiswa kwendlu abantu abangaziwa KwaNyuswa Location.
“Izihlobo ezintathu zishe zangqongqa emlilweni kwathi ezinye ezintathu zasala namanxeba okusha,” kusho uNetshiunda.