Abantu abaningi bazichithela isizungu ngokubuka ama video ocansi kwi- internet, bagcine bezishayela indlwabu ngenxa yokuvuka kwemizwa. Abanye abasakwazi ukweqisa usuku bengangenanga lapho kubukwa khona lama video, kanti abanye baze bawagcine ngisho emafonini abo belokhu bewabuka bezisiza ngawo. Kuyenzeka ke ukujwayele lokhu ugcine usuphenduke isigqila sakho kungasavumi ukuyeke.
Ngake ngasho phambilini ukuthi ukubuka ama-video ocansi kunobungozi obuningi. Ngasho nokuthi kungenza ukuthi ugcine ungasalujabuleli ucansi nesithandwa sakho.
Phezu kwakho konke, ukubuka ama-video ocansi njalo kungagcina kugqilaza nomqondo wakho. Ngisho nongoti abelapha izinkinga eziphathelene nomqondo bayakusho ukuthi kuyingozi kangakanani ukuhlale ugqolozela ama-video ocansi.
Yebo wena ukubona kumnandi kuyinto oyithandayo nekujabulisayo kodwa ekugcineni izoba ingozi emqondweni wakho nasemizweni yakho jikelele. Imikhuba nemigilingwane eyenziwa kulama video, kulula ukuthi abanye abantu bazitshele ukuthi yizinto nabo okufanele bazenze ukuze bajabule.
Ngifuna ukunikhumbuza nina enibuka kakhulu lama video ocansi ukuthi laba bantu enibabonayo, abadonsa inqwaba yemizuliswano yocansi. Abanye bazitika ngocansi, owesifazane eyedwa alalwe abesilisa abahlanu nokunye okuningi, bangabalingisi. Umehluko wukuthi bona balingisa emafilimini enza ucansi phecelezi amaPorn Stars. Obunye ubungozi obokuthi ubuke le migilingwane abayenzayo, bese ufuna ukuthi uyenze nesithandwa sakho. Uma sehluleka, bese ucabanga ukuthi kumele uthole omunye.
Ngaphandle kwalokhu, ukubuka lama video kugcina kukwenza umlutha uqobo. Into engasakwazi nokwenza ezinye izinto empilweni, uzivalela endlini ubukana nalama video.
Kubi ke lokho ngoba ungagcina uhlukumeza lo muntu othandana naye ngokufuna zonke izitayela ozibuke laphaya okanye ugcine usulala nabantu abaningi abahlukene ngoba ufuna ukwanelisa imizwa yakho ngokwenza lokhu okubukela mihla namalanga.
Ongoti bathi nemizwa yakho iyashintshashintsha ngoba laphaya kugcwele lonke uhlobo lwemigilingwane, kukhona ngisho abazitika ngocansi bengamaqoqo. Konke lokho ungagcina usukuhalela ugcine usufisa ukukwenza, kwesinye isikhathi imizwa yakho igcina ingasenandaba nomuntu wakho othandana naye ngoba wena usuke "usunekhaya" elisha lapho ojabula khona uze ufinyelele kuvuthondaba.
Abanye bagcina sebewazi wonke ama video nezinkundla zokuwabuka ngokuhlukana kwawo. Ayasiza wona ngoba ilapho ozibona khona ukuthi imizwa yakho isasebenza kahle yini kodwa akufanele uwajwayele ngoba kuzoba nzima ukuwayeka.
Kuvela nokuthi ke isibalo sabesilisa ababuka lolu hlobo lwama video, sigijima phezulu ngoba bangu-91.5% bese kuthi abesifazane babe ngu- 60.2%. Luningi nolunye ucwaningo engake ngabhala ngalo la olwaveza ukuthi lo mkhuba wokubuka ama video ungawuqeda ngisho umshado.Yingakho bethi uma ungakaze uqale, ungabe usawabuka. Kukhona futhi imibiko embalwa evezayo ukuthi abanye baba yimilutha yocansi kuze kufinyelele ezingeni lokuthi baphenduke abadlwenguli, ngoba befuna ukwenza lokhu abakubukayo bukhoma.
Ngifuna ukuxwayisa nabazali bezingane ezisanda kuthomba, kuyavela emibikweni eminingi ukuthi kulesi sigaba sokukhula, ziningi izingane ezingena shi emkhubeni wokubuka ama-video ocansi zize ziphenduke imilutha yawo. Kumele nibabheke onkabi uma sebethanda ukuhlala bezivalele emakamelweni abo, ukuthi basuke bematasa ngani ukuze usheshe umkhuze umuntu ikakhulukazi abafana.