UMQEQESHI weSuperSport United kwiDStv Diski Challenge, uRoscoe Kreiling, ukholwa wukuthi usekulungele ukudlala kwiBafana Bafana umdlali osemcane, uShandre Campbell, oseyibamba eBelgium.
UCampbell (19) udlale ngaphansi kukaKreiling ngaphambi kokwenyuselwa esikimini esikhulu seSuperSport ngesizini edlule. Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025, udayiselwe iClub NXT yaseBelgium asadlale kuyona kanye. Emasontweni adlule, uCampbell uqokwe njengomdlali ovelele kwiCosafa Under 20 Challenge Cup eyindlela ebheke emqhudelwaneni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Abalandeli abaningi baseMzansi bancoma umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ngokunika ithuba umdlali osemncane we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng (19) oseqenjini lesizwe elidlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). UMofokeng wenyuselwe esikimini esikhulu sePirates ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 esuka kweseDiski esiqeqeshwa nguJoseph Makhanya.
“UShandre ungumdlali okwaziyo ukudlala imidlalo emikhulu. Ungomunye wabadlali okuthi uma bethola ithuba balisebenzise. Uyakwenza okulindelekile. Sekuyisikhathi sokuthi anikwe ithuba kwiBafana Bafana. Nginesiqiniseko sokuthi uma engase alithole, uzokwenza kahle. Njengoba eseseBelgium, uzoziqeqesha nabadlali abasezingeni eliphezulu abazomkhulisa. Nginethemba lokuthi lokhu uzokusebenzisa enkundleni,” kusho uKreiling.
UCampbell ubalwa nabadlali baseMzansi abashaye into ecokeme kwiCosafa enqotshwe yiqembu lakuleli. Ngokuwina lo mqhudelwano, Amajita azodlulela kwi-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo. Iqembu lakuleli lidinga ukungena kowandulela owamanqamu ukuze lizibekisele indawo koweNdebe yoMhlaba.
“UShadre ukhombisile emqhudelwaneni wokuhlungela i-Afcon ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi unekhono elibabazekayo. Abantu abebezibuza ukuthi kungani edlala phesheya, ubaphendulile. Ngicabanga ukuthi uzoba ngumdlali osezingeni eminyakeni ezayo. Uneminyaka engu-19 kuphela okwamanje. Uma engathola kahle ithuba eqenjini lakhe, uzolenza elakhe ijezi. Ungitshelile ukuthi esafika, ubeziqeqesha nesikimu esincane kodwa manje usenyuselwe kwesikhulu,” kusho uKreiling.