ITHUKUTHELE iyaveva insizwa yaKwaNongoma ethi ithathelwe ingoduso yayo wumkhongi omkhulu obewumngani wayo weminyaka.
UMnuz Sipho Ngcobo (42) waseNjampela ufuna umkhongi wakhe uMnuz Sicelo Zondo amhlawule ngezinkomo eziyisithupha ngokumdlela ingoduso nangokubukisa ngaye endaweni ejola isidana nengoduso yakhe uNksz Amanda “Amo” Zulu (28).
Uthe wathuma lo mngani ngo-Ephreli kubo kwengoduso yakhe ukuthi ayokhokha ilobolo kodwa uthole ukuthi ngoMeyi uZondo ube eseshela ingoduso yakhe, bathandana futhi kwazi wonke umuntu endaweni, ngaphandle kwakhe.
Uthe uze watshelwa ngalo mjolo ngoba uNksz Zulu esuke wabhala kuFacebook kaZondo, wathi “Happy Birthday...Ngikuthanda Le nto Eyisicefe.”
UNgcobo uthe wabe eseyocela umkhwekazi wakhe ukuba akhuze indodakazi yakhe ukuba iyeke ukujola nomkhongi wakhe kodwa wavele umkhwekazi wamthuka. Uthe wabe eseqonda kwingoduso eyoyibuza ngalo mjolo, yavuma.
“Ngamlanda nalo mfana (umkhongi), wafike naye waxolisa,” kusho uNgcobo. Uthe wabe esenikela kubo kamkhongi eyofuna inhlawulo yezinkomo eziyisithupha kodwa kuze kube yimanje abakazikhokhi.
UZondo uvumile ukuthi uthandanile nenguduso kaNgcobo futhi baze bazitika ngocansi. Uthe wayengazani nayo engakayi kolobolela uNgcobo.
“Isikhathi esiningi bengisichitha nayo e-tuck shop kaNgcobo. Ngabe sengehlelwa yisilingo esingehlela nanoma wubani. Ngamshela isikhashana, wangiqoma. Ngolunye usuku ngamthatha kubo saya naye ekhaya lapho safike salala khona naye.”
Uthe yena akazazi izinkomo eziyisithupha kodwa wazi inkomo eyodwa, nayo angazi ukuthi uzoyikhokha kanjani njengoba engakasebenzi.
“Angazi ukuthi kungani efuna inhlawulo kimi ngoba ngokwazi kwami inhlawulo uyifuna kubo komkakho uma nakhona ushadelwe,” kuphetha uZondo.
UZondo uthe sebehlukene noNksz Zulu futhi sebenesikhathi bagcina ukukhuluma.
UNksz Zulu uthe wajola noZondo ngoba ezama ukuzelapha ekuphathweni kabi nguNgcobo.
“Ubengihlupha kakhulu ngokujola kakhulu namantombazane uma enemali. Bekuthi uma ngimkhuza ngokuqonywa kwakhe, avele angibuze ukuthi kungani ngiba nesikhwele ngoba ulala ekhaya. Nami ngize ngaqoma ngoba ngithi ngehlisa ikhanda ebeselingiphatha.”
UNksz Zulu uthe yena ngokwazi kwakhe akasathandani namuntu ngoba uNgcobo akafuni ukumxolela.
USolwazi wezilimi zendabuko e-Afrika futhi ongungoti wamasiko, uSolwazi Sihawu Ngubane, uthe uyakweshama lokhu okwenziwa wuNgcobo ngoba akusilo isiko.
“Ngokwesintu akukaze kuhlawuliswe ishende kodwa kuhlawuliswa abasekhweni. Yena ukhombisa ukuthi simcasulile isenzo sikamkhongi. Ngakho sekunengxabano phakathi kwabo,” kusho uNgubane.
UNgubane uthe nokuthi uNgcobo aze afune inhlawulo ekubeni ebesacelile kuphela, kuwukuxhaphaza nje umkhongi wakhe.
Uthe inhlawulo idingeka kuphela uma owesifazane ephinge esegcagcile.