IBHUNGU elineminyaka engu-19 ligwetshwe iminyaka engu-25 libhadla ejele neminye emihlanu ngecala lokudlwengula nokuthumba owesifazane owayeneminyaka engu-38 owagcina enqunywe uqhoqhoqho eNgwelezane, eMpangeni.
UKhetha Prince Zulu (19) uvume icala lokunukubeza ngokocansi umufi ngoDisemba, ngonyaka odlule.
Umngani kaKhetha, ababenaye begila le migilingwane, uLindokuhle Psychology Mzimela (25), ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala nemihlanu ngokuthumba
Bobabili bavume izono zabo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, base behlulelwa.
Ezitatimendeni ezifungelwe abebevuma ngazo amacala, bathe ngaphambi kwesehlakalo, baqale badlonya utshwala ethaveni.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi isivalwa ithaveni ebusuku, banquma ukuya kwenye kanti endleleni bazohlangana nomufi ehamba nowesilisa.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa KwaZulu-Natal, iNational Prosecuting Authority (NPA), uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe la madoda abe esehlela ukukhuthuza umufi nowesilisa abaphuca amaselula abo.
“UMzimela wakhipha ummese. Indoda eyayihamba nomufi yadla phansi ishiya umufi ngemuva nala madoda. Owesifazane watshela abahlaseli ukuthi akanayo iselula base bekhetha ukumdlwengula,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Kubikwa ukuthi bathatha owesifazane baya naye esakhiweni esingahlali muntu, lapho uMzimela amyalela khona ukuthi akakhumule izimpahla ayezigqokile.
“Umufi wanqaba ukukhumula, uMzimela wase emgwaza esiswini nasesifubeni kwaze kwaba ugcina ekhumulile. Bobabili babe sebemdlwengula. UMzimela utshele inkantolo ukuthi ngenxa yokwesaba ukuthi owesifazane uzobikela amaphoyisa ngababekwenze kuyena, wabe esethatha isinqumo sokumnquma uqhoqhoqho,” kulandisa yena.
Uqhube wathi abahlaseli balinda umufi waze waphuma umphefumulo ngaphambi kokuthi badle phansi kodwa bagcina beboshiwe emuva kwezinsukwana.
Ebufakazini obethulelwe inkantolo, udadewabo kamufi kuthiwa uthe babasebunzimeni bewumndeni ngalesi sehlakalo. Uchaze udadewabo njengomuntu owayekhuthele, enothando futhi engunina wabantwana ozikhululekele.
I-NPA isamukele isigwebo esinikwe abagwetshiwe, yancoma umsebenzi omuhle ethe wenziwe umshushisi namaphoyisa abephenya icala.
I-NPA ithe iyathemba ukuthi isigwebo sizothumela umyalezo oshubile futhi sinqande nabebekade besacabanga ukugila imigilingwane efuze le.