NKOSIKHONA CELE
IBHODLA umlilo iNkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo ngemayini yetshe eseMachobeni, eNanda, iQala Quary, ekhala ngokuthi ihlomulisa abathile ekubeni ngesikhathi iqala kwakuvunyelwene ngokuthi izohlomulisa umphakathi.
NgoMsombuluko, uNgcobo ubize umhlangano ehholo lasemaChobeni obuhanjelwe ngamalungu omphakathi.
Kule mayini kuthiwa kuqhekezwa itshe ebese kuphuma amatshe amancane okulungisa umgwaqo nokwakha ukhonkolo. Lawo matshe kuthiwa adayiselwa izitolo ezidayisa izinto zokwakha.
Inkosi ayichithanga sikhathi, zithe zisuka yethula inkulumo yazisa amalungu omphakathi ngenhloso yomhlangano.
Ilibeke ngembaba elokuthi umhlangano umayelana nabathile asebegweva nemayini futhi esihlomulisa bona bodwa.
"Angitholi ngisho isenti elimnyama leli kule nto. Kuthiwa ayikho imali eyenziwa khona. Esikhwameni kunoR1 000. Kodwa kunabantu abasebenza kuyona abahola imali enhle kabi,'' usho kanje.
Eqhuba uthe angeke aze awudle loyo R1 000, naye akawufuni.
Uveze ukuthi ukuze athole ukuthi kunamanyundululu nenkohlakalo eqhutshwa ngaphakathi emayinini esendaweni yakhe, kuze kwadingeka ukuthi aqashe inkampani ebicwaninga amabhuku i-Apex.
"Le nkampani itholile ukuthi iningi imali eyenziwayo negcina kungaqondakalanga ukuthi iphelelaphi,'' echaza.
Igama likaMfu Bhekisisa Sibisi inkosi ibisabe ilimemeze njalo, ikhala ngaye ithi nguye oyihlinzele ezibini.
"USibisi usethathe yonke le nto wayenza kwaba ngeyakhe. Imali itholwa nguyena nemayini, sekuvela ukuthi ngeyakhe. Okusho ukuthi usengidlele into yesizwe sami,'' echaza.
Uthe ngesikhathi ithulwa ngokusemthethweni kwakukhona owayeyimeya yeTheku, uMnuz Obed Mlaba.
UMnuz B Myeza ongummeli wesizwe samaQadi, uveze ukuthi impilo yakhe seyisengcupheni ngenxa yalo mbango wemayini.
Ukusho wangananaza ukuthi ibonakala inkulu inkinga ngalo mbango njengoba kubonakala ukuthi kunabahlomulayo esikhundleni sokuthi kuhlomule isizwe sonke.
Uthe ngaphambi kokuba avume ukumela isizwe wathola ngenkosi ngomlando wale mayini.
"Kumele sonke njengesizwe siyilungise le nto. Kodwa inkinga ukuthi kukhona asebefuna ikhanda lami ngenxa yokuthi ngimele isizwe samaQadi,'' usho kanje.
Uveze ukuthi batholile ukuthi kunezindodla zemali ezenziwa yile mayini.
Amalungu omphakathi abehambele umhlangano abezwakala ethukethele kakhulu ngesikhathi esenikezwa ithuba lokuba abuze ngale nkiyankiya.
USibisi ethintwa yiSolezwe, uthe uzwile ngomhlangano obizwe yinkosi. Wazihlangula kukhona konke obekushiwo ngaye.