UZOPHILA ngaphansi kwemibandela enzima uMnuz Siyabonga Nhlanhlayethu Zulu (22), ongumshayeli weloli eyadala isiphihli sengozi ngenyanga edlule emgwaqweni uM41 eMhlanga, eThekwini.
NgoLwesihlanu uZulu uthole ibheyili kaR5000 eNkantolo yeMantshi eThekwini.
Okhulumela abezokushushisa (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthe uZulu unikwe imibandela eqinile okumele ayilandele ngoba ededeliwe ngebheyili. Kulindeleke ukuthi uZulu abuyele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoJuni 8, ngoba uphenyo luyaqhubeka maqondana nesigameko sengozi.
Ubhekene namacala okushayela budedengu, nokwehluleka wukulandela imiyalelo ebekelwe umshayeli uma kwenzeka ingozi. UZulu kuthiwa washaya wachitha, emuva kokuba kwenzeke ingozi lapho izimoto eziningi zathinteka, kwalimala nabantu.
UZulu waze wazinikela emaphoyiseni emuva kwezinsuku kade kungaziwa ukuthi ubenyamalele waya kuphi. Inkantolo iyalele uZulu ukuthi ahlale kubo eMtubatuba, angaxhumani nomqashi wakhe ongumnikazi weloli lengozi, avele esiteshini samaphoyisa kathathu ngesonto. Uyalelwe ukuthi abikele umphenyi wecala uma ethatha uhambo oluphumayo eMtubatuba.
Imvume yakhe yokwenza umsebenzi wokushayela imisiwe kuze kuphothulwe udaba lwakhe enkantolo.