UQALILE umshikashika wokuvundulula ukudla okubolile nosekudlulelwe isikhathi okudayiswa ezitolo ezisemalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal.
Lokhu kuza emuva kwesimemezelo esenziwa uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo eKZN, uMnuz Siboniso Duma.
Ngeledlule uDuma umemezele ukuthi kuzoqalwa umshikashika wokuvundulula lokhu kudla ezitolo.
Nebala ngoMsombuluko luqale eMlaza, eThekwini, uchungechunge lokuthola izitolo ezingenazo izimvume zokusebenza, ezinye zazo ezidayisa ukudla osekubolile.
UMnuz Ndabezinhle Sibiya okhulumela uDuma, uthe bakwenze lokhu emuva kokuthi bethole izikhalo eziningi ebezivela emiphakathini eyehlukene.
“Abasebenzi bomnyango basebenzisana nabakaMasipala waseThekwini, aboMnyango wezaseKhaya namaphoyisa. Sitholile kulezi zitolo ukuthi kukhona abadayisi abangenazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika,” kuchaza uSibiya.
Uqhube wathi ukhona umdayisi oyedwa othathwe amaphoyisa amfaka ekhulukuthu.
Uthe zizoqhubeka izinhlelo zokuthi kusizakale labo abadayisa ngokuzimisela ngaphandle kokuphula imithetho futhi abakulelizwe ngokusemthethweni.
Ubalule ukuthi kunemali enguR100 000 ebekelwe ukuxhasa labo somabhizinisi abasathuthuka.
Uthe le mali iqhamuka ebhange Ithala ngakho emasontweni ezayo bazovula inkundla yokuthi osomabhizinisi bafake izicelo zoxhaso lwemali.
Izolo kuvundululwe ukudla kwezingane, uswidi okubolile, okuyinto uSibiya athe ibeka engcupheni impilo yabantu.
“Kuphinde kwavalwa nethaveni eyodwa ebidayisa utshwala ekuseni kakhulu. Sihamba nabasebenzi bakwaKZN Liquor Authority. Inhloso yethu enkulu ukuvikelwa kwabantu abahlala emalokishini nasemakhaya,” kusho uSibiya.