ABANTU bakuleli bafuna ukuthi umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, amemezele ukubagixabeza ngeholidi uma esethula inkulumo ayibhekise ezweni, namhlanje.
URamaphosa uzokwethula inkulumo ayibhekise ezweni ebusuku. Lokhu kumenyezelwe izolo yihhovisi likaRamaphosa.
Esimemezelweni esifishane, ihhovisi likaRamaphosa lithe inkulumo yakhe izovezwa bukhoma ngo-8, ebusuku. Alizange lichaze ukuthi uRamaphosa uzobe ekhuluma ngani.
Inkulumo kaRamaphosa ifika ngemva kokuthi elakuleli lijabulela ukunqoba iNdebe yoMhlaba ebholeni lombhoxo.
AmaBhokobhoko anqobe iNew Zealand emdlalweni wamanqamu ngoMgqibelo, eFrance.
Esimemezelweni esikhishwe yihhovisi likaRamaphosa ezinkundleni zokuxhumana, abantu bavele bathi bafuna ukuthi umongameli wezwe agcine isethembiso asenza sokuthi bazonikezwa iholidi uma amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba.
Lesi sethembiso uRamaphosa wasenza ngesikhathi amaBhokobhoko edlulela esigabeni esandulela owamanqamu.
Enkulumweni eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, uRamaphosa wayezwakala ethi kunabantu ababemnxenxa ukuthi abanikeze iholidi ukuze bajabulele ukunqoba kwamaBhokobhoko.
URamaphosa wabe esethi mhlawumbe abantu bakuleli bengalithola iholidi uma amaBhokobhoko engase anqobe owamanqamu.
Abantu abaphawulile ezinkundleni zokuxhumana batshele uRamaphosa ukuthi sesifikile isikhathi sokuba agcine isethembiso sakhe.
UNombulelo Kota uthe: “Mengameli gcina isethembiso sakho, sifuna iholidi owasithembisa lona.”
UPrecious Mkhatshwa uthe: “Sicela iholidi esathenjiswa lona. Asikulungele ukuya emsebenzini kusasa.”
Abanye bakhale ngokuthi kungani inkulumo kaRamaphosa inamhlanje, okuwusuku ayethembise ukuthi lungase lube iholidi uma amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba.
UNaitor Gumbi uthe: “Uzokhuluma nathi kusasa (namhlanje) ebusuku sesibuya khona emsebenzini?”
Abanye bathe bathandazela ukuthi uRamaphosa angamemezeli ukuvalwa kwezwe uma esethula inkulumo yakhe.
AmaBhokobhoko kulindeleke ukuba atheleke kuleli kusasa.
Emva kwalokho azohambela izindawo ezehlukene zakuleli lapho ezokube ekhombisa ngendebe.