AMEHLO athe njo emiphumeleni yokhetho lwezifundazwe nolukazwelonke elindwe ngabomvu engena ilekanyana njengoba kuqhubeka umshikashika wokubalwa kwamavoti.
Le miphumela kulindeleke ukuthi kushone ilanga ngeSonto sekwaziwa ukuthi iliphi iqembu noma inhlangano edle umhlanganiso kulolu khetho obelunesasa kubantu bakuleli.
Lolu khetho luqale ngebatha kwezinye izindawo njengoba kube nezinkinga zokuphuza ukuvula kwezinye izikhungo zokuvota ngenxa yemibhikisho yomphakathi.
Ngaphandle kokuphuza ukuvula kwezikhungo kuze kwavalwa kwezinye kusenamahele kalayini kukhalwa ngemishini yokubheka ababhalisile ebinobuhixihixi.
Abantu abaningi kubalwa nabaholi bamaqembu ezepolitiki bakhale ngokuthi inkinga edale olayini abade, ukungasebenzi kwemishini nokudinge ukuthi kusetshenziswe uhlelo lokubheka ephepheni abavoti.
Kwezinye izikhungo kubambezeleke ukufika kwezinsiza zokuvota ngenxa yokuthi abengekho amaphoyisa abezophelezela abasebenzi bekhomishini yezokhetho ukuzihambisa.
Ngaphandle kwalezi zinkinga azikho izehlakalo ezimise noma eziphazamise ukhetho njengoba lapho obekunezinkinga khona, amaphoyisa engenelele axazulula isimo.
Kubikwe ukuthi zibalelwa ku-20 izikhungo zaKwaZulu-Natal, ezivule sesidlulile isikhathi.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Masego Sheburi, iphini lesikhulu esiphezulu seKhomishini yezoKhetho, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngokuthi luqale kanjani usuku lokuvota.
USheburi uthe e-Eastern Cape, zinhlanu izikhungo zokuvota eziphuzile ukuvulwa ngenxa yemibhikisho yomphakathi.
“EThekwini zingu-20 izikhungo eziphuzile ukuvulwa ngenxa yemibhikisho yomphakathi. Kube nokubambezeleka kwezinye izikhungo ngenxa yokuthi amaphoyisa abengekho ukuphelezela abasebenzi bekhomishini ukuhambisa izinsiza zokuvota.”
Ubale izindawo ezehlukene okubalwa eThekwini, uThukela, Mtubatuba, Ugu, uMzumbe naseBuhlebezwe lapho bekulindeke ukuthi amaphoyisa aphelezele abasebenzi.
USheburi uvumile ukuthi le mishini ibe nezinkinga kwezinye izikhungo okubambezele uhlelo kwaba nolayini abade.
Nesikhulu esiphezulu seKhomishini uMnuz Sy Mamabolo, ekhuluma nabezindaba ekomkhulu lemiphumela izolo ebusuku, uthe bayixazululile inkinga yolayini abade ezikhungweni zokuvota.
“Imishini ayisona isidingo esidingwa ngumthetho ezikhungweni zokuvota, into edingekayo wumqulu wokuvota. Yingakho silande abasebenzi abebezobala ukuthi bazofaka isandla enkingeni yolayini abade, sayalela ukuthi kusetshenziswe umqulu wokuvota ukubheka amagama abavoti.”
USheburi uveze ukuthi kube nesasasa kulolu khetho njengoba ngabo-11 ebusuku abantu abaningi bese bevotile.
“Kube nesasasa kakhulu uma kuqhathaniswa nezikhathi ezidlule zokhetho. Baningi abantu abaphumile bayovota noma okwamanje singeke siveze ukuthi bangakanani. Kwenzeke lokhu ebesikulindele njengoba bengu-27.79 million abantu ababhalisela ukuvota.”
Ubalule ukuthi abanye abakwazanga ukuvota lapho bengahlali khona ngenxa yokuthi kwashintshwa umthetho ophoqa ukuthi uvote kuphela lapho uhlala khona.
UMamabolo uthe bebengeke balule izinsuku zokuvota ngoba ayikho indawo engagcina izigidi zamaphepha asesebenzile kuvotwa.
Usihlalo wekhomishini uMnuz Mosotho Moepya, ukhale ngabanye babaholi bamaqembu abaphazamise ukhetho.
Umengameli Cyril Ramaphosa, uncome umsebenzi weKhomishini wathi akubanga nokuphazamiseka okukhulu kulolu khetho.
Ugxeke abavimbe abanye ukuyovota wathi noma kunezikhalo akumele kuvinjwe abantu ukuyovota.
Usho lokhu emuva kokuvota esikoleni iHitekani Primary, eChiawelo, eSoweto.
Ubalule ukuthi uyazi abezomthetho bazoqapha isimo kuze kumenyezelwe imiphumela.
Uveze ukuthi unethemba lokuthi abantu bazophinde bayinike elinye ithuba i-ANC.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ovote nowakwakhe uNkk Mantoa Malema eSeshego, ume kulayini amahora amane ngaphambi kokuvota.
Uthe ubone kunesidingo sokuthi angajombi abanye abavoti kodwa abambe ulayini, ezwe lokhu abahlale bekuzwa abanye.
“Uhlelo lokuvota luhambe kancane ngenxa yemishini ebingasebenzi. Ngeke sigxeke iKhomishini ngoba ayihlinzeki nge-network, kodwa uhulumeni okumele uhlinzeke nge-network. Ayikho into ehlale i-100% empilweni ngakho asikhali.”