UZOLALA esaziwa namuhla umholi we-DA omusha ozokhethwa yingqungquthela yeqembu eseNasrec, eGauteng.
Zidlana imilala phakathi kukaMnuz John Steenhuisen noDkt Mpho Phalatse, abanga naye isikhundla somholi weqembu. USteenhuisen noDkt Phalatse izolo banikwe ithuba lokuthi bakhankase phambi kwezithunywa.
USteenhuisen uthe sekukudala ekhona eqenjini unesipiliyoni sokusebenza ezigabeni ezehlukene zikahulumeni futhi usesiphathile isikhundla wenza okuningi.
Uthe sekuyisikhathi sokuthatha i-DA bayinyusele kwelinye izinga iphathe uhulumeni.
UDkt Phalatse uthe abusho lutho ubude besikhathi eqenjini kodwa kuya ngokuthi umuntu uyakwazi yini ukwenza umsebenzi. Uthe yena unakho konke okudingekayo ukuthi ahole i-DA futhi uzimisele ngokuthi abuyise ukwethenjwa abantu.
Kulindeleke ukuthi kuvotwe bese kumenyezelwa imiphumela namuhla.