IBHANGE loMhlaba, litshale imali elinganiselwa kuR46 million wokuthuthukisa indawo yokugcina amagugu, izilwane nezemvelo iSimangaliso Wetland Park.
Lezi zindaba zidalulwe yisikhulu esiphezulu seSimangaliso Wetland Park, uMnuz Sibusiso Bukhosini, esithangamini nabezindaba eKosi Bay Hippo Lodge, eManguzi izolo.
UMnuz Bukhosini oqale ukwengamela iSimangaliso Wetland Park ngo-2018, uthi imali etshalwe yiBhange loMhlaba izosiza ukuqhuba izinhlelo zokuyithuthukisa le ndawo.
“Sikushayela ihlombe kakhulu okwenziwe yiBhange loMhlaba ngoba kuzosisiza ukuqhubeka lapho esiqale khona ngenkathi ngifika ngo-2018. Sizoqhubeka nezinhlelo zethu zokwenza iSimangaliso Wetland Park iqhubeke nokuba ngenye yezindawo eziqhakambisa imvelo, ezibeka eqhulwini ukuthuthukiswa komphakathi owakhele uMkhanyakude namaphethelo,” kuchaza uMnuz Bukhosini.
Eqhuba, uthe okunye okwenza bakuthokozele ukusebenzisana nezinhlaka ezifana neBhange loMhlaba, wukuthi kwenza kube lula ukuqhuba izinhlelo zabo zokwenza umehluko emphakathini.
“Ukusebenza ngokubambisana ngenye yezinto ezosisiza ukuya phambili, ikakhulu esikhathini lapho izwe likhinyabezwe kakhulu yiCovid-19 eminyakeni emibili edlule,” kusho uMnuz Bukhosini.
UNksz Sarah Mayer weBhange loMhlaba, uthe bakubone kusemqoka kubona ukuxhasa iSimangaliso Wetland Park, ikakhulu ngoba singenye yezindawo eziqhakambisa ukubaluleka kokuphathwa kahle kwemvelo.
“Sibone kubaluleke kakhulu ukutshala le mali eSimangaliso Wetland Park, ikakhulu ngoba sikuqonda ngokuphelele ukuthi iNingizimu Afrika ngeke yaba nokwanele ukwenza konke okudinga ukwenziwa ukubhekela ezemvelo,” kusho uNksz Mayer.
Phakathi kwezinye zezinhlelo zentuthuko ezenziwa yiSimangaliso Wetland Park, uMnuz Bukhosini ubale ukwakha kwabo amathuba emisebenzi awu-200 – anikezelwe kubantu abasha ababaqashe okwesikhashana ngokwemikhakha ehlukene.
“Siphinde saqasha abanye abawu-200 ababhekele ukuphepha kwezivakashi ezivakashela indawo yethu yamagugu, nabawu-130 abahlala ngaphakathi kuyona, umsebenzi wabo wukugada izilwane nemvelo engaphakathi kule ndawo.
“Asigcinanga lapho, senze kabusha izindlu ezihlala abagada izilwane ngaphakathi esiqiwini, saphinde salungisa nemigwaqo engaphakathi enqamula kusona, okwenze yaba sesimweni esilungele ukuhamba izimoto yize isewubhuqu. Osekusele manje wukuthi silungise inkinga kagesi namanzi,” kuchaza uMnuz Bukhosini.