IBHANGE loMbuso (South African Reserve Bank) lithi uphenyo lwalo lukhomba ukuthi akukho okuphambene nomthetho okwenziwa nguMengameli Cyril Ramaphosa noma ipulazi lakhe iNtabanyoni Estates CC, odabeni lwemali yangaphandle.
Imali okukhulunywa ngayo yebiwa epulazini likaMengameli kanti yayingamaDola angaphandle kwakuleli. UMnuz Arthur Fraser owayeyinhloko yezobunhloli kuleli, wavulela uMengameli icala ngalolu daba. URamaphosa wazihlangula ngelokuthi bekudayiselwana izilwane ezidayiswa epulazini lakhe futhi akukho okuphambene ngendaba yemali.
Abe-SARB bathe benze uphenyo olunzulu olubathathe cishe unyaka wonke futhi balandele yonke imigudu efanele. Bathe babheke imiqingo yamaphepha, bafunda izincwadi ezifungelwe ezingaphezu kwezingu-15, baxhumana nezinhlaka ezithintekayo base behloma imibuzo abantu abathile.
“Ngokolwazi oluphambi kwethu, akukho ukushintshana ngemali okwakukhona, ngakho asikwazi ukuthi sithi iNtaba Nyoni Estates noma uMengameli bephula umthetho wezokushintshisana ngemali,’’ kusho abe-SARB.
Bathe uphenyo lwabo kulolu daba, luhamba lube nomkhawulo ngokomthetho futhi okunye akuhlangene nabo, kudinga kuphenywe ngezinye izinhlaka eziqondene nakho.
Kulindeleke ukuthi uMphathi we-SARB uMnuz Lesetja Kganyakgo, abe nesithangami nePhalamende lapho azobe echaza khona kabanzi ngalolu daba maduze.
Kwenzeka konke lokhu-nje, uRamaphosa usanda kukhishwa phambili nguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka, ekhipha umbiko wakhe ngePhala Phala.
OKlebe nabezokushushisa bona bebengakaphumeli obala ngesinqumo sabo ngalolu daba olubhekwe ngamehlo abomvu. Lolu daba lususe umsindo nasePhalamende amaqembu aphikisayo emfuna ephumile uRamaphosa esikhundeni.