IBOSHWE isekubhaceni eMsinga "inkabi" esolwa ngokudubula ibulale umqaphi wesikhulu sikaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela esigamekweni esenzeke ngoMeyi nonyaka.
Isolezwe lithole ukuthi umkhondo wamaphoyisa abekade ephenya ngaleli cala, ugcine uwaholele kowesilisa okukholakala ukuthi ubewabalekela.
Kuthiwa umsolwa uboshwe ngoLwesine ntambama wavela enkantolo yaseMlaza ngoLwesihlanu, icala lase lihlehliselwa inamhlanje, lapho okulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuboshwa kowesilisa oyamaniswa nokubulawa kukamufi.
"Umsolwa uboshiwe ngoLwesine kwathi ngoLwesihlanu wavela okokuqala enkantolo yaseMlaza. Icala libe selihlehliselwa umhla ka-25,'' kuchaza uCostable Ngcobo.
Amalungu omndeni kamufi akuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa. Athe akholwa ukuthi uyinkabi ebikade ithunyelwe ngabantu abaseduze kakhulu nomufi.
Umufi wadutshulwa wabulawa ngesikhathi evala isango lakwakhe emzini osesigcemeni sakwa-S, eMlaza eNingizimu yeTheku.
Kuthiwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko umufi wayekade ephuma esitolo kade ethunywe ngumkakhe, uNkk Ngcebo Ntombela ukuthi ayomthengela okuthize.
"Ngesikhathi ephuma esitolo esevala isango yilapho-ke adutshulwa khona,'' kuchaza ilungu lomndeni.
Lidalule ukuthi umufi wadutshulwa ngesibhamu sakhe. Owesilisa lo owamdubula kuthiwa wayekade egqoke umfaniswano wamaphoyisa asebenza emkhandlwini weTheku.
"Sicabanga ukuthi lokhu kwenziwa ngamabomu ngabantu ababenzela ukuthi umufi angathuki uma ebona lo owayezombulala, amane acabange ukuthi ngowesilisa akanye naye emsebenzini,'' kuchaza ilungu lomndeni.
Kuthiwa umufi bamdubula ngezinhlamvu ezimbalwa ekhanda, ngesikhathi kwenzeka isigameko izingane zamemeza zicela usizo.
Umka mufi yena kuthiwa wayengaphakathi endlini kodwa akazange aphumele ngaphandle ngesikhathi kudutshulwa.
Umufi kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho afike washonela khona.
Isolezwe lithole ngabasondelene kakhulu nalolu daba ukuthi uma sekuqulwa icala kusazovela izinto ezithusayo ezifihliwe ngokubulawa kukamufi.
Kuthiwa ubufakazi obuzokwethulwa phambi kwenkantolo buzobe bukhomba othile njengonesandla ekubulaweni kukamufi.
Kunobufakazi obujulile Isolezwe elikhonjiswe bona obuphathekayo kodwa elingeke lize libudalule okwamanje ngenxa yokuthi icala lisesenkantolo.