LUTHELA izithelo ezinhle uhlaka lwebandla iKingdom Life Ministries International lwabesifazane asebedlule ezimweni ezinzima,i-Eagles.
Lokhu kuvezwe umholi waleli bandla uMphostoli Lungi M ochaze lolu hlaka njengokuhloswe ngalo ukubuyisa ukuzethemba kwabesifazane abadlule ezimeni ezinzima, ezinye ezibashiye bephelelwa nayithemba.
Udalule ukuthi i-Eagle, eyethiwe ngenyoni endizela phezulu ukhozi, ibunjwe ngabesifazane abashonelwa ngabayeni, abakhulisa izingane ngabodwana, abathola abantwana bengashadile, ababuya emshadweni nabanye abaningi.
Bonke laba besifazane uthe kumqoka ukuba bangene kulolu hlaka.
“Inhloso enkulu yalolu hlaka ukuqinisekisa ukuthi laba besifazane bayaqhubeka nokuma yize bebhekene nezimo ezinzima," usho kanje.
Udalule ukuthi ebandleni kunezinhlaka ezehlukene kodwa bekubonakala ukuthi laba besifazane bona basala ngaphandle.
Uthe ngo-2020 babe sebevumelana ngokuthi kusungulwe lolu hlaka aluchaze njengolubonakala luthela izithelo ezinhle kakhulu.
"Kulolu hlaka abesifazane abakulona bayakwazi ukuthi bahlale phansi baxoxe ngezinto ezehlukene ezimqoka ezithinta impilo yabo. Baphinde bakhulisane bacobelelane ngolwazi," kuchaza yena.
Uthe badinga ukushayelwa ihlombe bonke laba besifazane ngoba bakwazile ukuyibamba ishisa.
Uthe akudlali ukukhulisa izingane ngawedwana ungumuntu wesifazane.
Wathi futhi kuyinto enkulu ukubona abesifazane abaphuma emshadweni beqhubeka bephokophelela ikusasa elingcono.
Wancoma nembokodo eyashonelwa ngabayeni kodwa namanje isayibambile.
Ubafanise nabesifazane okukhulunywe ngabo eBhayibhelini uDorcas noRuth.
Lolu hlaka kuleli bandla luholwa nguNksz Maphiwe Mzolo (51) noNksz Thembi Mwandla (45).
Ziningi ezinye izinhlelo ezihlabahlosile leli bandla elijwayele ukubonakala lizenza emphakathini.
Phakathi kwezinye kubalwa ukukkhuthaza ezemfundo kubantu abasha.
Kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-10 leli bandla lasungulwa.