IBANDLA labasindisiwe, iCarr Nation International, lisembhidlangweni wokucija amakholwa alo ngezeBhayibheli nangezamabhizinisi.
Umholi waleli bandla, uMphostoli Suoane Msomi, uthe bafinyelele esinqumeni sokusungula isikhungo, iCarr Nation University, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amakholwa awagcwali nje emoyeni kodwa aba namakhono azowenza aphile kahle.
Lesi sikhungo sizokwethulwa eJewish Hall ngeSonto emini.
Uthe njengomholi webandla kusemahlombe akhe ukuqinisekisa ukuthi leli bandla libunjwa ngamakholwa athuthukile nangokwamakhono.
Uveze ukuthi lesi sikhungo sizophinde sicije amakholwa nangolwazi ngeBhayibheli.
Ngokusho kwakhe, bakubeka eqhulwini ukubaluleka kokuba abazalwane bazi kabanzi ngemibhalo yeBhayibheli.
"Kuyinto emqoka kakhulu ukuthi abazalwane babonakale bekhula uma kukhulunywa ngezeBhayibheli. Lokhu kuyinto ebalulekile kakhulu ebandleni likaNkulunkulu."
Uveze ukuthi ezamabhizinisi nazo bazozifundisa ngoba bakholwa ukuthi ibandla likaNkulunkulu liyabadinga abazalwane abaphumelele nakulo mkhakha wempilo.
Uthe kulesi sikhathi samanje kudingeka uhlobo lwamakholwa anobuhlakani acijekile ngezeBhayibheli kodwa futhi anolwazi ngezamabhizinisi.
Uthe sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 engumholi waleli bandla.
“Kuyona yonke le minyaka ngilihola ibandla likaNkulunkulu ngikuqaphelile ukuthi amakholwa ayadinga ukucijwa eminxeni eyehlukene yempilo,’’ usho kanjena.
Uthe nakuba isikhungo singesebandla kodwa nabangakhonzi kulona bamukelekile kusona.
Wathi kuyona yonke le minyaka ukuqaphelile ukuthi ibandla lidinga amakholwa abukhali nxa zonke.
Ziningi ezinye izinhlelo ezihlabahlosile leli bandla elinazo.
Ezinye zazo zifaka phakathi ukuhambela izikole ngenhloso yokulekelela abafundi abavela emakhaya antulayo.
Lolu uhlelo sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumi ibandla lulwenza.
Seliklame indima enkulu uma kukhulunywa ngohlelo lokubhekelelwa kwezintandane.