LISEMBHIDLANGWENI wokulekelela abafundi abahlala eMgungundlovu, ibandla labasindisiwe iHouse of Christ (HOC). Ibandla lisiza abafundi bakwazi ukufaka kalula izicelo zezikhala zokuthi bafunde emanyuvesi.
Lokhu kudalulwe ngumholi webandla uMfundisi Nhlanhla Khambule, obuye abe ngusomabhizinisi noSihlalo wenkampani, i-Edinvest.
Ibandla lihlanganise izikole eziyisishiyagalombili zaseMgungundlovu, lalekelela abafundi ukuba bakwazi ukafaka izicelo zezikhala emanyuvesi besebenzisa izinsiza zebandla.
"Abafundi ebebelapha bebefaka izicelo zabo besebenzisa ama-laptop ebandla. Lokhu besikwenza ngoba siyakuqonda ukuthi kumqoka ukuthi abantwana bethu baye emanyuvesi,'' kuchaza uKhambule.
Eqhuba uKhambule uthe ibandla aliholayo lihlose ukuthi libe yisibani endaweni elikuyona. Uthe abafuni ukuthi babe yibandla eligcina ngokushumayela ngoJesu kuphela, maqede lizibe ukulekelela abantu abasha ngezemfundo.
"Leli yibandla elihlose ukuthi libonakale liyisibani lapho likhona. Sifuna ukuba yibandla elenza umehluko ezimpilweni zabantu abasha baseMgungundlovu,'' kuchaza uKhambule.
Njengokusho kwebhayibheli, uMfu Khambule uthe abantu bayabhubha ngenxa yokuswela ulwazi. Waqhuba wathi kanjalo baningi abantu abasha abangakwazi ukungena emanyuvesi ngenxa nje yokuswela ulwazi lokuthi izicelo zifakwa kanjani ngokusetshenziswa indlela yesimanjemanje.
Uthe ukholwa ukuthi imfundo inamandla okuba yikhambi lokusiza abantu abasha eMgungundlovu, bangabi yizisulu zobugebengu nezidakamizwa.
"Kufanele abantu abasha bethu senze isiqiniseko sokuthi babeka imfundo phambili futhi bacabanga ngayo ngaso sonke isikhathi, kunokuthi bazithole sebenza izinto abazozisola ngazo kusasa,'' kuchaza uKhambule.
Ngasekuqaleni konyaka ibandla belinohlelo iCareer Guidance, lilekelela abafundi ngemikhakha abangayenza emanyuvesi.