UMSAMARIYA olungileyo unikele ngoR17.5 million eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) exhasa izitshudeni ezingenayo imali yokufunda.
Kuthiwa imali inikelwe umuntu ongathandanga ukudalulwa emphakathini.
Izolekelela nasezinhlelweni zokulwa nodlame lwangokobulili nezithinta ucansi kule nyuvesi.
IPhini likaShansela noThishomkhulu e-UKZN, uSolwazi Nana Poku libonge lanconcoza lathi imali izohamba ibanga elide ekuxhaseni izitshudeni okulindeleke ukuthi zithweswe imiyezane kulo nyaka.
Lezo yizitshudeni ebezikade zenza iziqu ezithe thuthu kodwa ezishodelwa imali yokuzifundisa.
“Kuzolekelelwa ikakhulukazi izitshudeni eziqhamuka emakhaya adonsa kanzima. Kuzobunjwa nethimba lohlelo lwenyuvesi elilwa nodlame lwangokobulili noluthinta izigameko zocansi,” kusho uPoku.
UPoku ube eseyaba ngezithebe, wathi kuR15 million ikolishi lezoMthetho nelezokuPhatha lizonikwa uR2 million kuthi elezoLimo, ubuNjiniyela, neSayensi labelwa uR4 million.
Uqhube wathi ikolishi leSayensi yezeMpilo lizothola uR3.66 million bese kuthi elakwaHumanities linikwe uR5 million.
“Ukubunjwa nokusebenza kohlelo olumqoka, elilwa nezigameko ezithinta ubulili nocansi labelwe uR2.5 million. NgoMashi nonyaka i-UKZN imemezele ukuthi izoba nalolu hlelo oluzokwenganyelwa yihhovisi lami,” kusho uPoku.
Uthe ngalolu hlelo bazobe bengahleki bengathi nsi uma kuza ezigamekweni ezithinta ukuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili nangokocansi.
“Sizophinde sibe nemikhankaso nezinhlelo esizobe sifundisa ngazo abantu ngezinto eziphathelene nezocansi nezodlame lwangokobulili nokuthi bangazivikela kanjani.,” kusho uPoku.
Uveze nokuthi le mali ayizogcina ngokuthi isize izitshudeni eziqhamuka emakhaya ahlwempu kodwa izosiza ekusiphuleni ezimpandeni futhi ilwe nezimo eziholela ekutheni kube nodlame lwangokobulili nocansi.
Uqhube wathi izophinde ivale igebe phakathi kwezitshudeni ezivela emindenini edla izambane likapondo nalezo eziqhamuka emindenini edla imbuya ngothi.