SIZOHLONISHWA ngebhilidi elizoqanjwa ngaso e-UKZN isishoshovu se-ANC uNkk Lilian Ngoyi, esaduma ngelikaMa Ngoyi, esaba ngowokuqala wesifazane ukukhethelwa esigungwini esiphezulu sombutho.
UNkk Ngoyi ungomunye wabesifazane ababehola umbhikisho wokuphikisana nokuphathwa kwamapasi ngo-Agasti 9,1956. Wayehamba noNkk Raheema Moosa, Sophi Williams noHelen Joseph nabanye abaningi. UNkk Ngoyi wayengumengameli we-ANC Women’s Leauge (ANCWL) elwela amalungelo abesifazane.
UNkk Ngoyi washona ngoMashi 1980 exinwe yisifo esiphathelene nenhliziyo. Okhulumela i-UKZN uNksz Norma Zondo uthumelele abezindaba isimemo somcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwebhilidi lokuhlonipha uNkk Ngoyi. Isimemo esibhekiswe kwabezindaba kuvele ukuthi siphume ngomyalelo wePhini likaShansela uSolwazi Nana Phoku. Kulindeleke ukuthi umcimbi ube se-UKZN ophikweni lwayo eWestville lapho kunebhilidi elizoqanjwa ngoNkk Ngoyi.
Umcimbi uzoba ngoLwesibili kanti ngokwesimemo kuvela ukuthi yibhilidi elikhulu leli okuzohlonishwa ngalo uNkk Ngoyi. UNksz Zondo uthe ibhilidi limumatha inqwaba yezitshudeni.
“ Emuva kocwaningo olunzulu olwenziwe yisikhungo, umkhandlu unqume ukuthi i-IT Block Lecture Complex izoqanjwa ngoLilian Ngoyi. Lokhu kwenziwe ngenhloso yokumhlonipha ngeqhaza lakhe kwezentando yeningi kuleli,’’ kusho uNksz Zondo.
Kuvele ukuthi leli bhilidi lingelikhukazi esikhungweni ophikweni lwaseWestville.
“ Leli bhilidi lingelikhulu kunawowonke okufundelwa kuwona futhi limumatha izitshudeni ezingu 2 950 kanti kunengxenye ewuT1 emumatha izitshudeni ezingu750,’’ kuchaza uNksz Zondo. Ngokwesimemo kuvela ukuthi isikhungo baqoke uNkk Ngoyi ngenxa yokuthi bayahambisana nemibono nezinto ayezilwela esaphila kanti babaza nesibindi nobuholi bakhe obuqotho.