I-Library and Information Association of South Africa (LIASA) ikumema ukuthi ugubhe i-South African Library Week (SALW) 2024, ibambisene noMnyango wobuCiko, amaSiko, i-Sabinet ne-EBSCO, – ngaphansi kwendikimba ethi “ethi “Libraries foster social cohesion”, okusho ukuthi “Imitapo yolwazi yakha ukuzwana kwemiphakathi ehlukene”.
Yonke imitapo yolwazi ezweni isebenzisa lo mcimbi waminyaka yonke odonsa isonto lonke njengethuba lokuqhakambisa ukukhangisa imisebenzi yayo ebantwini, umphakathi wonkana, izinhlangano zomphakathi nabantu abathatha izinqumo. Inhloso ngukubaneqhaza ekutheni abantu baqonde iqhaza elibalulekile lemitapo yolwazo ezweni elinamalungelo abantu. Imitapo yolwazi isabalalisa ukukwazi ukufunda nokubhala, igcwalise ilungelo lamuntu elinqala lokukwazi ukutho ulwazi futhi igqugquzele ukubekezelelana nokuhloniphana phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika.
Le ndikimba igcizelela iqhaza elimqoka lemitapo yolwazi ekuhlanganiseni imiphakathi, njengoba eyizindawo lapho abantu abavela emiphakathini ehlukene behlangana khona ukucobelelana ngemibono, ukufunda bahlangane nangemicimbi yamasiko nemfundo. Ngokwenza kutholakale ulwazi, ubuchwepheshe, izinsizakusebenza nezinhlelo, imitapo yolwazi yandisa ulwazi, ihlanganise abantu futhi yenze ukuthi abantu bazizwe benenjongo eyodwa futhi beyinto eyodwa. Imitapo yolwazi ihlinzeka izindawo eziphephile emiphakathini encisheke amathuba ukuthi abhekane nezindaba zenhlalo nezentuthuko, bacobelelana ngolwazi futhi igqugquzele ukuhlalisana phakathi kwemiphakathi engafani.
I-SALW izogujwa phakathi komhlaka-18 kuya mhlaka-24 Mashi.
UMnyango wezeMidlalo, eZobuciko namaSiko uchaza ukuhlalisana kwemiphakathi engafani “njengezinga lokuhlangana ngokuhlalisana nokuhlanganiswa kwemiphakathi yesizwe sonke nezinga lokubonakala kokuzwelana phakathi kwabantu nemiphakathi”.
Funda iziphephabhuku lobuchwepheshe le-LIASA SALW 2024 lapha:
Imitapo yolwazi yandisa ukuhlalisana emphakathini ngokufaka wonke umuntu
Ukuhlanganisa abantu yinsika yemitapo yolwazi. Kulapho wonke umuntu emukeleke khona, iyizindawo ezakha ukuxhumana nokuthembana phakathi kwamaqoqo angefani emphakathini. Imitapo yolwazi ineqhaza elimqoka ekuhlalisaneni abantu kwabantu emphakathini ngokwenza ukuthi wonke umuntu abeneqhaza, ikhuthaze ingxoxo futhi igqugquzele ukuhloniphana kwabantu abavela ezindaweni ezingafani. Yenza imisebenzi yayo ihambisane nezidingo zemiphakathi, igqugquzele ukuthi abantu bahlale befunda futhi yeseke umsebenzi wokuthi abantu bakwazi ukufunda nokubhala.
Imitapo yolwazi yandisa ukuhlalisana emphakathini ngokweseka izinjongo zentuthuko
Imitapo yolwazi ineqhaza elimqoka ekwandiseni ukuhlalisana emphakathini ngokweseka imikhankaso ehlose ukulekelela izinjongo zentuthuko emhlabeni, kuthi ngaleyo ndlela ilekelele ukubhekana nezinselelo zentuthuko ezikhona ezweni nasemhlabeni. Yenza ukuthi abantu bakwazi ukuthola ulwazi futhi kuxazululeke, phakathi kwezinye izinto, ukungalingani ngokwenhlalo nangokomnotho, ulwazi ngezinto ezithinta ukuvikela isimo sezulu nokuvikela imvelo
Imitapo yolwazi yakha ukuhlalisana emphakathini ngemfundo
Imitapo yolwazi ibhukulela ukuletha ukuhlalisana emphakathini ngokuhlinzeka ngezinhlelo zemfundo ezakha isimilo emiphakathini. Ngalezi zinhlelo, imitapo yolwazi igqugquzela ukuqondeka kwamasiko, imilando, umlando wezindawo namasiko okwehlukene futhi igqugquzela ukubekezelana nokwandisa amakhono okukwazi ukufunda nokubhala, okuyizinto ezidengeka kakhulu ekuhlalisaneni kwabantu.
Imitapo yolwazi ikhuthaza ukuhlalisana ngobuchwepheshe
Imitapo yolwazi ivala igebe lobuchwepheshe ngokuhlinzeka ngolwazi nangobuchwepheshe bokuxhumana nokusebenzisana nemiphakathi ngezinkundla zokuxhumana namaziko kwesimanjemanje. Ahlomisa abantu nemiphakathi ngokwakha imiphakathi exhumene nengasele ngaphandle ezintweni.
* I-SALW yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu mhlaka-15 Mashi e-South African Library for the Blind eMakhanda, eMpumalanga Kapa.