INKAMPANI enkulu yezimpahla ezisebenza ngogesi emhlabeni jikelele i-Samsung yethule umshini obizwa nge Digital Variable Multi S2 (DVM) eMount Edgecombe Golf Country Club eThekwini.
Lomshini uphehla amandla omoya ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo izibhedlela, emabhilidini amakhulu nasenxanxatheleni yezitolo. Bekungeyokuqala ithulwa lapha eNingizimu Afrika njengoba ibidlise kakhulu emazweni aphesheya kwezilwandle.
Okunye nge-DVM S2 ukuthi isebenzisa ezobuchwepheshe besimanjemanje futhi ayiwudli ugesi kakhulu.
Inhloko yomnyango ebhekelele ezokuphehlwa komoya kwa-Samsung, uMnuz Nico Hanekom ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto uthe u-Samsung uyinkampani yezobuchwepheshe.
“Ukuze siqhubeke sibe namasu kuthina kubalulekile. Kube yigxathu elikhulu kwezobuchwepheshe ukuthi sethule lomshini ngoba inhloso yethu ukuthi senze imikhiqizo yethu ibe ngcono, iphinde ingashabalali.
“Lo mshini usebenzisa amandla amancane ebhilidini, okungezinye zezinto esizenzile kuwo. Enye yezinto ezibalulekile neziyisisekelo esizenzayo njengo-Samsung ukuthi sibe yinkampani engashabalali,” kusho uHanekom.
Khonamanjalo uMnuz Joseph Kaseke oyimenenja yezokudayisa kanye nonjiniyela kwa-Samsung yena uthe bancane abantu abazi ngomshini wokuphehla umoya oqandisayo.
“Esizama ukukwenza ngobuchwepheshe besimanjemanje obaziwa nge-Artificial Intelligence (AI) ukuthi izosiza abantu uma besebenzisa umshini wokuphehla umoya.
“Ngiyazi abantu abaningi bathuswa ukuthi i-AI izobathathela umsebenzi. I-AI ayikwazi ukusebenza ngapandle kwabantu, yithi okumele sisebenzisane nayo futhi izosisiza ukuthi ukusebenza kwethu kube lula,” usho kanje.
Uqhube wathi bayazama ukuba nezindawo lapho bezofundisa khona abantu ngayo le mishini abayethulayo.
“Siyazama ukuthi sakhe izindawo lapha KwaZulu-Natal, kodwa okwamanje ikhona indawo ese-Four Ways eThekwini lapho esibaqeqesha khona.
“Kulabo abangakwazi ukuphumelela siyabaqeqesha ngosizo lwe-inthanethi bangasithola kwi- website yethu ethi-www.samsung.com ukuze bafunde kabanzi ngokuphehla umoya (air conditioning),” eqhuba.