INHLANGANO iSouth African Local Government Association (Salga), KwaZulu-Natal isinxuse abaholi bamaqembu ezepolitiki ahlukene ukuthi baqaphele izinto abazishoyo emphakathini njengoba kusondela ukhetho, ukugwema udungunyana olungaholela ekubulaweni kosopoliki.
Lokhu kushiwo wuSihlalo kulesi sifundazwe, uMnuz Thami Ntuli ebize isithangami nabezindaba ebesiseMusgrave eThekwini, ngoLwesithathu.
Le nhlangano beyihlose ukudlulisa ilaka layo ngesihlava emva kwesigameko sakamuva sokubulawa kwekhansela le-IFP kuMasipala waKwaNongoma, uMnuz Ndukenhle Duma.
UDuma udutshulwe esemotweni yakhe eMtubatuba, okuthiwa ubephuthuma emhlanganweni wamakhansela obuseHluhluwe.
Ukubulawa kukaDuma kwandulelwe wukubulawa kukaMnuz Mthokozisi Sithole obenguNobhala wohlaka lwesikhashana lwe-IFP, ehhovisi leqembu eliseMtshezi, odutshulwe esedolobheni langakubo iWeenen.
UNtuli uthe ukubulawa kosopolitiki esifundazweni, yinto ekhalisa kakhulu kwazise silokhu sanda isibalo samakhansela abulawayo.
“Kuyasikhathaza ngoba lesi sifundazwe siyaziwa ngokubulalana komuntu ompisholo ebulawa womunye. Ngakho njengoba silungisela ukhetho, sibona kuqhubeka, kuzoletha ukwesaba kubantu, yingakho sihlaba ikhwelo ekutheni bonke abaholi bezepoliitiki baqikelele abakushoyo uma bekhuluma nomphakathi, kungabi yizinto ezizoqubula udlame,” kusho uNtuli.
UNtuli uthe kuyakhathaza ukuthi ababulali basebenzisa izibhamu ezinkulu, iningi lazo ezingatholakali kalula ezitolo. Uthe kuyakhombisa ukuthi ukubulala osopolitiki sekuyibhizinisi lokwenza imali ezinkabini ezisuke ziqashelwe umsebenzi, okuzogcina kwenza sengathi ukubulawa komuntu yinto nje engathi shu kulesi sifundazwe.
Uthe isifiso abanaso wukuthi zisetshenziswe izincomo zeKhomishini kaMoerane, eyancoma ukuthi kufundiswe abantu ngokusebenza yentando yeningi, ukuze abantu bengacabangi ukuthi ukubulala kuyisixazululo.
Ugcizelele ukuthi amaphoyisa kumele aqinisekise ukubopha izigilamkhuba, kungabi yizinkabi kuphela kodwa kuphenywe kuze kuboshwe nalabo abasuke bezithumile.
Ngokolwazi olushicilelwe phansi, osopolitiki abangu-39 abadlule emhlabeni ngenxa yezizathu ezehlukene kusuka ngoNovemba, 2021, abangu-19 kubona babulewe.
Uthe olunye udaba olunomthelela ongemuhle komasipala, wolokucishwa kukagesi okwenza bagcine bengakwazi ukuhambisa izidingo zomphakathi kubantu, njengamanzi ngenxa yokuthi ukuze aphume ezindaweni zabo, kudingeka ugesi ukuqinisekisa ukusebenza kwamaphampu.
Uthe lokhu akugcini ngokuphazamisa ukunikezelwa komphakathi ngezidingo, kuphazamise nasezikhungweni zikahulumeni, abalule kuzo izikole imitholampilo nezibhedlela lapho kusuke kunesidingo esikhulu sokuthi kutholakale amanzi nsuku zonke.