INYUNYANA iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ifuna abanikazi bama-app asetshenziswa ngabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngokwebanga ezilihambile baqashe laba abashayeli.
UNobhala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngokwebanga ezilihambile bayaxhashazwa ngoba kayikho imithetho ephoqa abanikazi bama-app ukuba babavikele.
Wenze isibonelo ngokuthi uma abashayeli belinyazwa kabakhokhelwa futhi noma abagibeli kukhona abanganeme ngakho, abashayeli bavele bavalwe kuma-app.
Uveze ukuthi abanikazi bama-app kawukho umthetho obaphoqayo ukuthi basize abashayeli bezimoto uma bebhekene nezingqinamba, okubalwa lapho kuliwa nabathile kuleli baze babulawe.
“Sifuna abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngokwebanga ezilihambile babe nenyunyana yabo ukuze kuthi uma benezikhalo zisheshe zisukunyelwe, ngisho eminyangweni kahulumeni.
Sizobhalela uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi ukuze kube nomthetho awushayayo ozobavikela laba bashayeli. Kuyadingeka ukuthi noMnyango wezokuThutha ulubhekisise lolu daba, ushaye imithetho efanele,” kusho uVavi.
Ukhale ngokuthi njengamanje abashayeli bezimoto yibona ababhekele izindleko zokuzikhanda, yibona okufanele baqikelele ukuphepha kwabagibeli futhi yibona okumele baze nezindlela zokuzivikela kubantu ababahlaselayo.
UVavi uthe ikhona imithetho evikela abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngokwebanga ezilihambile kwamanye amazwe, ngakho nakuleli uhulumeni kufanele ashaye leyo mithetho.
Uphethe ngokuthi ngoLwesihlanu bazohlangana noNxesi ukudingida izindaba zabashayeli bamatekisi, abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngokwamanga kanjalo nabasebenza ngaphansi kohlelo lukahulumeni, olubizwa nge-Expanded Public Works Programme.