UNGASE ube nobuhixihixi umcimbi wokudluliselwa ngokusemthethweni kwesitifiketi sobukhosi eSilweni uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Lokhu kungemva kokuthi amalungu eSACP KwaZuluNatal, ememezele ukuthi ahlela ukubhikisha ephikisana nokuthi iNgonyama yamaSwati, uMswati III, ihambele umcimbi.
UMswati III, onguninalume weSilo, ungesinye sezicukuthwane eziphambili emcimbini.
Amalungu eSACP KwaZuluNatal athi kwafuni uMswati III, abe yingxenye yomcimbi ngoMgqibelo, ozoba senkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida, eThekwini.
Amalungu enhlangano ahlela ukubhikisha ngaphambi kosuku lomcimbi nangosuku lwawo. Isinqumo sokubamba imibhikisho sithathwe ngempelasonto emhlanganweni wesigungu esiphezulu seSACP.
Emhlanganweni obuhanjelwe yizithunywa ezingu-180 kuvunyelwene ngokuthi amalungu eSACP KwaZulu-Natal, kufanele aveze ukuzwelana nezishoshovu ezilwela intando yeningi eSwatini, ngokuthi abhikishele ukuba khona kukaMswati emcimbini wangoMgqibelo.
UMswati unyamanambana ezweni lakhe njengoba abantu befuna libuswe ngentando yabantu. Muva nje kuke kwanemibhikisho ephikisana noMbuso kaMswati III, neholele ekufeni kwabantu abaningi. Amaqembu ezepolitiki amaningi avalwe imilomo.
Njengamanje nguyena oqoka futhi axoshe ongqongqoshe eSwatini.
UNobhala weSACP KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, uthe bayazwelana nabantu baseSwatini.
"Sizozwakalisa ukungahambisani kwethu noMbuso kaMswati III. Kungumsebenzi wethu ukweseka abantu baseSwatini, abalwela intando yeningi. Sifuna kudedelwe zonke iziboshwa zezepolitiki futhi kuvulwe imilomo yamaqembu ezepolitiki.
"Ngokubambisana nezinye izinhlangano ezifuna inqubekela phambili, sizoba nemibhikisho ngaphambi nangesikhathi uMswati ehambele umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi seSilo."
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe ekomitini longqongqoshe elihlela umcimbi wangoMgqibelo.
“Thina okwethu sesakwenza (esho umcimbi wokungena kweSilo esibayeni). Lapha eMabhida simenyiwe, umcimbi ngokahulumeni. Akukho esingakuphawula.”
Ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ohola ithimba longqongqoshe, lenqabile ukuphawula ngemibhikisho ehlelwa yiSACP.
Okhulumela uDkt Dlamini Zuma, uMnuz Mlungisi Mtshali, uthe angakwazi ukuphawula ngodaba emva komhlangano wekomiti longqongqoshe obekuhlelwe ukuthi ube izolo ebusuku.
“Mhlawumbe izokhulunywa emhlanganweni wekomiti le ndaba. Angikwazi ukuphawula bengakayixoxi bona.”
Namhlanje ikomiti kulindeleke ukuthi libe nesithangami nabezindaba, lapho lizocacisa ngamalungiselelo omcimbi.
Okhulumela uMswati III, uMnuz Percy Simelane, uthe akusilona iqiniso ukuthi intando yabantu ayikho eSwatini.
Uthe abantu bakuleli lizwe bavumelekile ukuvota.
USimelane uthe umbiko osanda kukhishwa yinhlangano i-Africa Barometer, uveze ukuthi yidlanzana lezakhamizi zaseSwatini ezibe yingxenye yemibhikisho esanda kuba khona.
Uthe umbiko uthole ukuthi u-73.8 wamaphesenti wezakhamizi zaseSwatini awuzange ube ingxenye yemibhikisho.
USimelane usole iSACP ngokudukisa abantu.