KUNTWELA ezansi ngezinkinga zokuxhumana phakathi kwezitshudeni nesikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba kuhlongozwa ukuthi kuvulwe amahhovisi aso ezifundazweni ezehlukene.
Okwamanje amahhovisi alesi sikhwama azinze eKapa kuphela okwenza kube nzima ezitshudenini ukuthi zifinyelele kuwona.
Kudingeka zishayele i-call centre yalesi sikhwama kwayona okunenkinga yokuthi zithole usizo ngokushesha.
Umlawuli wesikhashana weNSFAS, uMnuz Freeman Nomvalo, utshele ikomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi ePhalamende, iStanding Commitee on Public Accounts (Scopa), ukuthi bayayibheka eyokuvula amahhovisi ezifundazweni ezine.
Izitshudeni zihlale zikhala ngokuthi zidinga ukuthi amahhovisi alesi sikhwama abe sezifundazweni ukuze afinyelele kuwona kalula.
UNomvalo uthe uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ufuna basheshise eyamahhovisi ezifundazweni.
“Sihlela ukuthi sibe nehhovisi KwaZulu-Natal, Gauteng, Eastern Cape naseWestern Cape. Sisayibheka eyokuthi sibe nehhovisi naseLimpopo, uma kungenzeki kube ngukuthi izitshudeni zingakwazi ukusizakala ehhovisi eliseGauteng,” kusho uNomvalo.
Uthe bahlele ukuthi kwezinye izifundazwe babe namahhovisi angomahamba nendlwana, okungenani ezikhungweni zemfundo.
UDkt Nkabane, utshele leli komiti ukuthi kakade bafuna la mahhovisi abe khona kulezi zifundazwe ezine.
“Lezi zifundazwe yilapho sizithatha njengezindawo eziyizizinda okudingeka kuzona usizo kakhulu. UMqondisi jikelele womnyango uDkt Nkosinathi Sishi, noNomvalo bayayibheka indaba yokuthi sibe nalawa mahhovisi kulezi zifundaazwe,” kusho uDkt Nkabane.
Uthe bewuhulumeni bachitha uR20 billion ekuhlinzekeni izitshudeni ngezindawo zokuhlala ezikhungweni.
‘Kumele sibuyekeze uhlelo esilusebenzisayo ekuhlinzekweni kwezitshudeni ngezindawo zokuhlala, sibuyele ohlelweni oludala lokuthi sitshale le mali ekwakheni izindawo zokuhlala ezikhungweni zemfundo ephakeme,“ kusho uDkt Nkabane.
Uthe banqume ukuthi iNSFAS kumele iphume ehhovisi eliseKapa elikhokhela ngaphezu kukaR2 million ngenyanga.
Uveze ukuthi baneme ngomsebenzi kaNomvalo kulesi sikhwama.
“Sifuna abantu abanamava abazoba amalungu ebhodi leNSFAS. Sifuna abantu abaneziqu zeMasters ukuthi bangene kuleli bhodi.”
USishi uthe bazimisele ukuthi izikhungo zibe nezindawo zokuhlalisa izitshudeni ukuze kubhekelelwe ikakhulu lezo ezisuka ezindaweni zasemakhaya.
Khonamanjalo ibamba lokhulumela i-DA kwezemfundo ephakeme uNksz Desiree van der Walt, uthe kudingeka ingashalazelwa eyophenyo esikhwameni iNational Skills Fund (NSF).
Uthe kudingeka uMengameli Cyril Ramaphosa ajube iSIU ukuthi iphenye iNSF.
Usho lokhu nje uMcwaningi mabhuku jikelele uthole ukuthi aziqinile izinhlelo zokulawulwa kwezimali kwiNSF.