I-NFP isihlabe ikhwelo yalibhekisa kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi makehle esikhundleni ngoba abantu sebekhathele yizethembiso ezingafezeki.
Leli qembu lithe izwe lifana nento efile, sekuyisikhathi sokuthi umengameli adede inkundla.
UNobhala jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe uRamaphosa uhlulwa wukufeza izethembiso azenza kubantu.
Uthe uRamaphosa umatasa ngezinto zakhe, ezinye zazo ezifaka izwe ehlazweni.
“Lezi zinto zenza lungabi khona uzinzo. Ubhekene nezinsolo zokufihla imali engamadola kwakhe, ukusebenzisa ibhanoyi lombutho wezokuvikela uma ehambele izinto ze-ANC, ukumisa uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane kanjalo nezinye izinkinga.”
Uthe uphenywa yizinhlaka eziningi, okubalwa oKlebe, iSars, iBhange loMbuso nePhalamende.
“Selokhu sathola inkululeko akukaze kube nomengameli ophenywa yizinhlaka zoMbuso ezingaka. Izwe libhekene nenkulu inkinga ngalo mengameli.”Uthe izwe libhekene nezingqinamba eziningi.
“Asikwazi ukuba nomuntu othi ephethe izwe ebe ezenzela izinto zakhe eceleni. Akukho okulungayo kuleli. Ingqalasizinda yezempilo, eyezikole nenye ifana nento engekho.”
Uthe siyakhula nesibalo sabantu abangasebenzi kuleli nababhuqwa yindlala.
“Uphethroli ukhuphuka njalo, ugesi uyacinywa yi-Eskom, ubugebengu buphezulu. Umnotho uyantenga kanjalo namacala athinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane ayanda.”
Ukhale ngokutakulwa kwezinkampani zikahulumeni, okubalwa i-Eskom nezinye ezidla ephaketheni labakhokhi bentela.
“Lezi zinkampani ziguqe ngamadolo. Umengameli osiphethe akanawo umbono ngezwe.”
Uthe mkhulu umonakalo asewudalile ezweni, uhluleka ngisho nawukwenza izinguquko ngokushesha uma kushone ungqongqoshe noma kukhona osulile.
Usole uRamaphosa ngokungabi nomgogodla, wathi akasule ngaphambi kokwenza umonakalo omkhulu.I-NFP isho lokhu nje abanye ababengomengameli be-ANC nezwe oMnuz Thabo Mbeki noJacob Zuma basanda kugxeka uRamaphosa ngezinto eziningi abasola ukuthi akazihambisi kahle.
Okhulumela uRamaphosa uMnuz Vincent Magwenya, uthe laba baholi bayakwazi ukumshayela ngqo uRamaphosa uma benezinkinga.
Wabalula ukuthi ziningi izinto ezenzeke ngesikhathi sikaRamaphosa, okubalwa nemali eholwa ngabantu abangasebenzi ezweni.