NGEKE zibe khona izingqungquthela zokukhetha ubuholi eqenjini eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma.
UZuma uthe abasiboni isidingo sokuba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi, wathi ezingqungqutheleni kukhona abantu abathenga izikhundla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu, lapho khona ubuholi be-MK bebuthula izinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu weqembu wakamumva.
I-MK ayikaze ibe nayo ingqungquthela yokukhetha ubuholi, ubuholi beqembu njengoba obukhona baqokwa wuye uZuma.
UZuma uthe bazoqhubeka nokuziqokela ubuholi, wathi akasiboni isidingo sokubiza ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
“Angisiboni isidingo sengqungquthela yokukhetha ubuholi. Ayikho into enhle engike ngayibona yenzeka ezingqungqutheleni. Uma ngibuza abantu ukuthi sikuphi isidingo sokuthi silokhu siba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi, abantu bayaye bangitshele ukuthi ingoba siphila ngaphansi kwentandoyeningi.
“Kodwa iqiniso lithi ezingqungqutheleni kuqokwa abantu abasuke benemali yokukhankasela izikhundla. Kunabaholi abaphethe izikhundla ezibalulekile kodwa abangawazi umsebenzi. Lokhu kungenxa yokuthi bayazithenga izikhundla. Indaba yezingqungquthela ivuna abantu abanemali. Uma sisho kanje, asikhulumi ngento esingayazi. Nathi sesike sazibonela lento yenzeka phambi kwethu.”
UZuma uthe bazogcina ngokuba nezingqungquthela zokubonisana kuphela.
“Sizokuba nezingqungquthela lapho khona sizohlanganisa zonke izifundazwe, lapho sizobonisana khona ngezinto ezithinta iqembu. Kulezi zingqungquthela, sizocobelelana ngolwazi.”
I-MK yethule umthethosisekelo wayo, izolo.
Osebuholi obuphezulu be-MK, uMnuz Floyd Shivambu, uthe asikho isigaba somthethosisekelo weqembu esithi kufanele kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi.
“Lokhu sikwenze ngamabomu. Sibonile ukuthi izingqungquthela zidala uqhekeko emaqenjini. Ingakho singazange siyifake indaba yengqungquthela yokukhetha ubuholi ngesikhathi sibhala umthethosisekelo.
“Lesi sinqumo sizosisiza nasekuqedeni amandla labo abavimba abanye abafuna ukujoyina i-MK. Labo abavimba abanye bazobona ukuthi asikho isidingo sokulokhu bevimba abantu ngoba angeke zibe khona izingqungquthela.”
UShivambu uthe maduze bazomemezela ubuholi be-MK ezifundazweni nasezifundeni.
Uthe bazothathelwa izinyathelo labo abangeke babuhloniphe ubuholi obuzomenyezelwa.
“Sikuqaphelile ukuthi kunabantu abaningi abazibiza ngabaholi, nababangayo. Uma sekumenyezelwe ubuholi, angeke sikubekezelele ukuthi kuqhubeke kube khona abantu abangisa ubuholi obuqokiwe.”