OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Jacob Zuma, uthembise amalungu e-MK ukuthi inhlangano yabo izobasa ezweni lesethembiso, wathi le nhlangano ivunywe ngisho nasemazulwini.
UZuma uthe maduze i-MK izokhipha abantu bakuleli ezweni lobugqila.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu e-MK abezomeseka ngaphandle kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho ebebhekene khona necala lenkohlakalo.
Nakuba i-MK yahamba phambili ngamavoti KwaZulu-Natal, yaphinde yaba iqembu lesithathu ngobukhulu kuzwelonke, yasala ngaphandle ngesikhathi kwabiwa izikhundla kuhulumeni wokubambisana.
Kodwa lokhu akumdikibalisi uZuma njengoba etshele amalungu e-MK ukuthi leli qembu lizoyiqeda inhlupheko.
“Ima sizizwayo ukuthi siya eKhenana. Siya ezulwini langempela, ngeke sihlehle! Enye inhlangano lena, yaziwa ngisho emazulwini, yaziwa nayizingelosi. Ezinye izingelosi zifuna ukwehla, zizosisiza.”
UZuma uthe ufuna ukuthi i-MK ithathe bonke omasipala okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.
“Njengoba kuzokuba nokhetho lwasemakhaya, kufanele ukuthi uMkhonto ushanele, uthathe yonke into. Lokho kuyokube kuyibika lokuthi okhethweni (lukazwelonke) oluzayo siyobhubhisa. Siyobhubhisa yonke into ngoba sifuna ukuphatha izwe ukuze sizoshintsha impilo yabantu.”
UZuma uthe abakaliphonsi ithawula emizamweni yabo yokuchitha imiphumela yokhetho lwangoMeyi.
UZuma uthe basamile ekutheni ukhetho olwedlule lwalungakhululekile.
“Njengoba sasinokhetho sahamba phambili ngokuwina, izigebengu ezintshontshayo zacazelana ngamavoti ethu. Ngithi anginazise ukuthi impi yokhetho ayikapheli nakancane ngoba saqolwa. Sinobufakazi obuqanda ikhanda, icala liyeza.
“Kuhlezi kuthiwa izwe liphethwe ngentandoyeningi. Ikuphi intandoyeningi uma kuzophatha ongaluwinanga ukhetho? Ngisho kulesi sifundazwe sahamba phambili ngamavoti kodwa kuphethe abantu abalandela emumva.”
Inkantolo ibigcwele phezulu njengoba abaholi be-MK bebephume ngobuningi babo ukuzokweseka uZuma.
Phakathi kwabaholi abebesenkantolo kubalwa loyo osanda kuqembuka kwi-EFF, uMnuz Floyd Shivambu nabanye abaholi be-MK bakuzwelonke, nabaholi be-MK KwaZulu-Natal okukhona kubo umholi wale nhlangano esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizwe Chiliza.
Ngaphandle kwenkantolo, amalungu e-MK abecula izingoma ezeseka uZuma.
Okuqaphelekile ukuthi abantu abebezokweseka uZuma izolo bebebancane ukunalabo abajwayele ukubonakala uma evela ezinkantolo.