IQEMBU lezepolitiki i-MK, lifuna ikhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission ichaze ngezinsolo ezibucayi kusabalala ezinkundleni zokuxhumana, ama-video akhombisa amabhokisi anamaphepha okuvota asolisayo okuthiwa abhadanywe ngamalungu aleli qembu eHammarsdale naseChesterville ngempelasonto.
I-MK ifuna le khomishini ibize isithangami nabezindaba ngaphambi kokhetho icacisele umphakathi ngalezi zinsolo njengoba isola ukuthi lawa maphepha ahambisana nezigxivizo abezodluliselwa kumalungu e-ANC endaweni, kanti esitatimendeni se-IEC iyazichitha izinsolo.
Okhulumela i-MK kuzwelonke, uMnuz Nhlamulo Ndlela, uthe lezi zinsolo ziyakhathaza futhi zibeka engcupheni isithunzi sekhomishini yezokhetho kuleli.
“Amalungu e-MK abone iloli elisolisayo ebelithwele amabhokisi awu-400 avaliwe nezinye izinto ezisetshenziswa yikhomishini okukholakala ukuthi bekulethwa kumalungu e-ANC. Amalungu ethu afune incazelo ngalolu daba lempahla okukholakala ukuthi yebiwe, ishaqwe amaphoyisa ayigcina esitokisini,” kusho uNdlela.
Uthe ngaphezu kwalesi simo, akekho oboshiwe, okuholele etheni impahla ibuyiselwe endaweni egcinwa kuyo emahhovisi e-IEC ngenxa yokungabikhona kwezindawo ezanele zokuyigcina ezikhungweni ezisemphakathini.
UNdlela uthe kungakapholi maseko, kuvumbuke eminye imibiko efanayo, lapho kutholwe amanye amabhokisi anamaphepha okuvota avaliwe kwenye indawo engamahhovisi kamasingcwabisane eChesterville, athathwe amaphoyisa.
I-IEC esitatimendeni, ithe lawa ma-video asedalule amaqhinga le khomishini ehlela ngayo ukuhambisa nokugcina amaphepha okuvota ngaphambi kokhetho.
“Indlela okuhlelwe ngayo ukuqinisa ezokuphepha, ukuthi amaloli ahambisa amaphepha agadwe amaphoyisa. Izindawo ezigcina impahla yokuvota, kumele igadwe ubusuku nemini. Lokhu kuqinisekisa ukuthi akugqekezwa futhi akekho ophazamisa izinto zokuvotisa. Akuvunyelwa muntu ukuthi ongagunyaziwe ukungena ukuthi angene lapho kuvotelwa khona,” kubhalwe esitatimendeni.
Iqinisekise ukuthi iyitholile imibiko ngomunye wabasebenzi bayo eChesterville okuthiwa uvuswe ebusuku ngoMgqibelo ekwakhe, ngempahla yokuvotisa etholwe igcinwe esikhungweni sokuvota esontweni i-Baptist, eChesterville. Uthe le mpahla yokuvota ithathwe yahanjiswa esiteshini samaphoyisa eCato Manor. Ithe kuyiqhinga layo ukuhambisa impahla yokuvotisa ngosuku olwandulela olokuvota ukuqinisekisa ukuthi ukuvota kuqala ngesikhathi.
Iqinisekise ukuthi yonke impahla yokuvota ebonakale kulawa ma-video asebuyiselwe emahhovisi ayo, kanti izothathela izinyathelo iqembu namalungu alo athintekayo ekuphazimiseni umsebenzi wayo.