ENYANGENI lapho kubungazwa khona iqhaza labesifazane eNingizimu Afrika, isifundazwe KwaZulu-Natal siminza emanzini amnyama okubulawa ezimweni ezinyantisa umzimba.
Kula masonto edlule, ikakhulu kuyo le nyanga yabesifazane, sezevile eshumini izivuvaba zokubulawa kwabesifazane ngezindlela okubalwa kuzo ukudutshulwa, ukuklinywa, ukushaywa, ukushiswa nokunye.
Esigamekweni sakamuva esishiye umphakathi ushaqekile esenzeke endaweni yaseHlanzeni, eXobho, ngesonto eledlule, kubulawa ngesihluku uNksz Busisiwe Ngubo (35), obezithwele obekulindeke ukuthi atete amawele amathathu, okuthiwa isidumbu sakhe sitholwe sinezibazi zokuklinywa, silaliswe eduze komgwaqo.
Kulesi sigameko kuboshwe oyisoka lakhe uSergeant Mbuyiselo Christopher Gema osebenzela esiteshini samaphoyisa eXobho obevele enkantolo ngoMsombuluko.
Abesifazane ababili asebekhulile, uNksz Zanele Doris Mbuso (61) ongumnikazi wenkulisa eseMgababa, nomakhelwane wakhe uNksz Monica Xulu (81), batholwe begqitshwe ethuneni elingashoni kakhulu ngesonto eledlule emva kokunyamalala ngeholidi losuku lwabesifazane kade behambele ezitolo endaweni.
Kuboshwe unogada wasenkulisa, uMnuz Thokozani Patrick Mhlongo (60) obevele eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, ngoMsombuluko.
Ngalo isonto eledlule, uNkk Fikile ‘MaDladla’ Msimango (61) nendodakazi yakhe uNksz Nkosi Msimango (28), baseMatimatolo, ngaseGreytown, babulawe ngesihluku besolwa ngokuthakatha okuthiwa kwenziwa ngamanye amalungu omphakathi.
UNkk Msimango kuthiwa uhlahlelwe ngezimbazo nangocelemba kwathi indodakazi yakhe yalengiswa esihlahleni ngocingo olunameva kwabaswa umlilo ngaphansi kwayo ngaphambi kokuthi izidumbu zabo zishiswe nendlu. Kuboshwe abane okukhona kubo nabesifazane ababili abebevele eNkantolo yeMantshi yaseGreytown ngoLwesihlanu olwedlule.
NgoLwesihlanu olwedlule, kubuye kwabulawa ngesihluku uNkk Sizakele Goge (66) wase-New Village, eNdwedwe, owuthisha obesethathe umhlalaphansi. Wayegcinwe ebonwe eyokukha amanzi ngayizolo. Akekho osekuqinisekiswe ukuboshwa kwakhe ngalesi sigameko.
UNksz Lindeka Mteshane nodadewabo uNksz Celiwe Mteshane abayizelamani, baseMakhoso ngaseMthwalume, kukholakala ukuthi babenengxabano okusolakala ukuthi uLindeka nesoka lakhe babulale ngesihluku uCeliwe esigamekweni esenzeke emasontweni amabili adlule.
Kuthiwa amalungu omphakathi eholwa yisigungu esibhekelele ubugebengu aqinise isandla kumsolwa (uLindeka) naye wagcina ngokushona ngaphambi kokuthi kudlulelwe esokeni nalo eligcine ngokubulawa.
Emasontweni amabili edlule uNksz Andiswa Radebe (21) wakwa-A eLovu kuthiwa ugwazwe wabulawa isoka lakhe elishayela amatekisi.
Umsolwa kuthiwa wahlangana nomgilwa ehamba ngetekisi, umgilwa ehamba ngezinyawo, wamisa itekisi, wehla, wagwaza umgilwa, wabuyela etekisini washaya wachitha. Akakaboshwa.
Kusele usuku olulodwa kuqale u-Agasti, kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-NFP kuMasipala waKwaNongoma, uNkk Ntombenhle Maria Mchunu (75), ohlaselwe esemzini wakhe okhona kule ndawo.
Kwesinye isigameko, uNkk Enette ‘MaDlamini’ Kunene (73) wadutshulwa wabulawa amadoda angaziwa mhla ka-30 Julayi eMdletsheni, eNhlwathi. Kuthiwa abahlaseli batheleka kusihlwa ngabo-7 uNkk Kunene kade ebuka i-TV nabazukulu, okwathi uma ezwa izigi walunguza ngewindi umhlaseli wadubula khona lapho, omunye wangena nesicabha wafika waqhubeka wadubula, ubaba womuzi ongemuhle empilweni eselele. Akukaboshwa muntu ngalolu daba.
Okhulumela uMnyango ezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela, uthe miningi imikhankaso umnyango osuqhamuke nayo usebenzisana nezinhlaka zikahulumeni nezinhlangano ezihlukene zomphakathi ukulwisana nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane.
“UNgqongqoshe uNkk Nonhlanhla Khoza uqinisekise ukuthi ngale mikhankaso wakha ubudlelwano naboholi bomphakathi, abamabandla nabezinhlangano ezahlukene ezisemphakathini ukuzama ukulwa nalesi sihlava,” kusho uMemela.
Uthe njengoba uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa amemezela udlame olubhekiswe kwabesifazne nezingane njengesitha sokuqala kuleli, uhulumeni waKwaZulu-Natal wajuba ongqongqoshe beminyango ehlukene ukuthi bagqugquzele imikhankanso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kwizifunda abaqhamuka kuzo baphinde baqinisekise ukufundisa abantu.
Uthe nakuba ukubulawa kwabesifazane kubonakala kugqama kakhulu ngo-Agasti, kodwa akusilona iqiniso ukuthi ukubulawa kwabo kunyuka kakhulu ngale nyanga, eveza ukuthi nakwezinye izinyanga kuyabonakala. Uthe ngenxa yokuthi lena yinyanga yokuqhakamibisa iqhaza labo kunakeka kakhulu, kanti yinto okumele kuhleze kubikwa ngayo ukuqinisekisa ukuthi iyavela kuboshwe izigilamkhuba.
Ugcizelelel ukuthi ngaphandle kwemikhankaso, umnyango unezinhlelo eziningi ezahlukene ukulekelela abesifazane abazithola bengabagilwa bodlame lwasemakhaya, kokunye abangazithola sebesengozini yokubulawa .