SINYUKILE isibalo sabafundi abaduduliwe abazobhala u-matric kulo nyaka.
Bangu-53 217 abafundi abazobhala izivivinyo nonyaka ekubeni nyakenye babengu-52 961.
Izibalo zidalulwe yisikhulu esibhekele izivivinyo emnyangweni weMfundo eyisiSekelo uDkt Rufus Poliah, kanti ngenyanga ezayo ziyaqala ukubhalwa izivivinyo zikamatric.
UPoliah uveze ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal, sizihola phambili ngesibalo sabafundi abaduduliwe abazobhala izivivinyo.
“EKZN bangu-13 685 abafundi abaduduliwe abazobhala izivivinyo. Kulandela iLimpopo ngabangu-10 230, endaweni yesithathu kulele i-Gauteng ngabangu-7 976,” kuchaza uPoliah.
Uqhube wachaza ukuthi ukudluliselwa ku-matric kwabafundi kwenziwa ngoba kulandela umgomo womnyango othi akumele bafeyile kaningi ibanga.
“Yingakho bedluliswa noma kuthiwa abazange bahlangabezane nayo yonke imibandela yokuthi baphase. Sinyukile isibalo salaba bafundi uma uqhathanisa nonyaka odlule,” kuchaza uPoliah.
Phambilini uNgqongqoshe womnyango uNkk Angie Motshekga, wathi nakwamanye amazwe uyenziwa umkhuba wokududulwa kwabafundi. Wathi abanye babo bafike benze kahle ezivivinyweni zabo zakwa-matric.
UPoliah ukhale nangokwehla kwesibalo sabafundi abazobhala iGeography kulo nyaka.
“Sizoyiphenya ukuthi kungani sehle kangaka isibalo sabafundi abazobhala iGeography, isibalo sehle ngabangu--21 643. Bangu-377 075 ababhale lesi sifundo nyakenye, kulo nyaka bangu-355 432 abazobhala.”
Sehlile nesibalo sabazobhala iMaths Literacy ngabangu--23 763, sisuka ku-460 708 ngonyaka odlule saya ku-436 945 abazobhala nonyaka.
Sehlile nesabazobhala iMaths sisuka ku-276 241 nyakenye, saya ku- 271 297 kulo nyaka.
Kuke kwakhalwa phambilini ngesibalo sabafundi abakhetha ukubhala iMaths Literacy, balaxaze iMaths kwa-matric.
Abaningi abebenza iMaths Literacy, abakhala ngokuthi lesi sifundo asibasizi ngalutho uma sekumele bakhethe iziqu abazozenza ezikhungweni zemfundo ephakeme uma bephase leli banga.
Abanye bahlaba nekhwelo lokuthi iphele indaba yesifundo ngoba asibasizi ngalutho.
Phambilini abomnyango bathi kudingeka umfundi enze izinto ezithinta izibalo njengoba ezikhethela ukuthi wenza iMaths Literacy noma iMaths.
UPoliah uveze ukuthi abafundi balo nyaka bayiqoqo lesithupha ukubhala izivivinyo zeSA Sign Language. Uthe zingu-23 izikole zakuleli ezizobhalisa lesi sifundo.
“Bangu-134 abafundi abazobhala iSA Sign Language, amaphepha alesi sifundo enziwe nge-vidiyo. Simakwa njengazo zonke izifundo,” kusho uPoliah.
Uthe bamatasa baqeqesha abazobe begade ngesikhathi kubhalwa.